Ikhansela le-ANC elithole imiyalezo esongelayo lisabela impilo yalo

Lungani Zungu

Indlela eya okhethweni lohulumeni basekhaya lwangomhla wokuqala kuLwezi igcwele igazi, ukubulawa kwabantu kanye nezinsongo zokubulawa.

Ikhansela le-ANC eMlazi uMeltah Zuma uthi uthole izinsongo zokubulawa ezivela kwimbangi yakhe uMnu Bheki Mngwengwe ngeviki eledlule.

UZuma uvulele uMngwengwe icala lokusabisa.

UZuma noMngwengwe bebelokhu bebambene ngezihluthu selokhu i-ANC ivume ukuthi uMngwengwe abe yilungu leqembu elizongenela ukhetho esigcemeni sama-78 – esiholwa uZuma njengekhansela.

UZuma nabalandeli bakhe basola i-ANC KwaZulu-Natali noMngwengwe ngokuphazamisa uhlu lwabazongenela ukhetho – obelunegama lakhe njengomuntu ozongenela ukhetho okhethwe ngabantu.

Ngesonto eledlule kuthiwa uZuma uthole umlayezo, omsabise ngokuthi uzobulawa uma eqhubeka nomzabalazo wakhe wokugcina isikhundla sobukhansela.

“Ngivele ngazi ngaleso sikhathi ukuthi uMngwengwe nezigilamkhuba zakhe yibona abangithumele umyalezo. Manje sengisabela impilo yami ngoba ngiyamazi ukuthi yikuphi angakwenza,” kusho uZuma.

“Uma kwenzeka ngibulawe, igazi lami lizoba sezandleni zabantu abashintshe uhlu lwabazongenela ukhetho,” esho.

UMngwengwe unqabile ukuphawula.

Lokhu kwenzeka ngesikhathi lowo owayenguNgqongqoshe wezoLimo eMpumalanga, uMandla Msibi, esenkantolo ngezinsolo zokuthi uyena obulale amalungu amathathu e-ANC mhla zingama-22 kuNcwaba.

Umbango wezikhundla zobukhansela phakathi kwamalungu e-ANC uhlezi ukhona njalo ngaphambi kokhetho, futhi akuhlukile kulolu khetho oluzayo.

Umphakathi uvuke ngolaka ngoLwesithathu esigcemeni sama-79 eMlazi ngemuva kokuthi i-ANC yesifundazwe ivume uMondli Cele ukuthi athathe isikhundla sikaTebogo Ragalile, okuthiwa uthole amavoti amaningi ngesikhathi umphakathi uvotela ozongenela ukhetho.

Amaphoyisa aliqinisekisile leli cala, athi uphenyo luyaqhubeka njengamanje.

Okhulumela i-ANC, uPule Mabe, ukuvumile ukuthi uhlelo lokuqokwa kwamaqembu belugcwele amaphutha kwezinye izifundazwe.

Kodwa-ke unxuse amalungu e-ANC ukuthi ahloniphe izinqumo ezithathwe yiqembu.

Izihloko zakamuva