Lungani Zungu
Owaziwa ngokulwa nenkohlakalo kanye nekhansela lewadi kusolwa ukuthi bahlaseliwe bagwazwa eMgungundlovu ngesikhathi somhlangano wokuqoka weqembu le-ANC.
UThabiso Zulu ushayiwe ngesikhathi kunomhlangano wokukhetha ikhansela lewadi leqembu i-ANC ngempelasonto kanti noMlungisi Zondi wagwazwa naye, njengoba sekusondele ukukhethwa kohulumeni bendawo ngomhla wokuqala kuLwezi.
Ilungu leqembu le-ANC uSenzo Sibisi obekhona emhlanganweni uthe uZondi usesimweni esibucayi esibhedlela.
USibisi uthe uZondi uhlaselwe ngesikhathi kukhona abaphakamisa igama lakhe.
“Iqembu le-ANC kumele lisukumele lolu daba lodlame nokusatshiswa, ngoba abantu angeke balivotele iqembu” kusho uZondo.
UZondo uthe umphakathi uqoke uZondi esikhundleni sekhansela lewadi.
Le nhlekelele yenzeke ngoMgqibelo odlule, ngosuku olulodwa lapho okubulawe khona abesifazane abathathu eNanda ngaphandle kwesikole samabanga aphansi iBuhlebethu ngemuva komhlangano wokuqokwa kwekhansela lewadi.
UZulu, owayelwa nenkohlakalo kumasipala wendawo waseMzimkhulu, ubeyisithenjwa sikanobhala-jikelele wentsha weqembu le-ANC uSindiso Magaqa, owadutshulwa washona ngowezi-2017.
Esabela impilo yakhe uZulu wacela ukuvikelwa ngemuva kokulwa nenkohlakalo eyenzeka kumasipala waseMzimkhulu.
Wasinda bezama ukumbulala ngonyaka wezi-2019.
Oqaphe udlame uMary de Hass ucela abaphathi besifunda kanye nohulumeni weqembu le-ANC ukuba bangenelele ekunqandeni udlame.
“Ngithatha lezi zinsolo njengendaba ebucayi kakhulu. Njengoba nazi, uZulu wacishe wabulawa ngowezi-2019” kusho uHass.
Ukusho lokhu ekuseni ekhathazekile, ngemuva kombiko oshoyo ukuthi izinsiza kusebenza zamaphoyisa zasetshenziswa kulokhu kubulalana kwamaqembu epolitiki KwaZulu-Natali, okwabulawa abantu abangaphezu kwabangama-33 ngonyaka wezi-2016 ngesikhathi sokuqokwa kohulumeni bendawo.
Amaphoyisa aqinisekisile ngecala lokugwazwa, kodwa athe akekho osaboshiwe.
Kusenjalo, ibamba likanobhala-jikelele weqembu le-ANC uJessie Duarte unxenxe ukuthi kube nokuthula phakathi kwamalungu e-ANC.