Ikhansela elibulewe likhunjulwa njengesikhondlakhondla esifele abantu

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kube isikhathi esidabukisayo kubaholi abaningi baseGoli ngesikhathi inqwaba yabantu base-Alexandria betheleka ehholo laselokishini i-San Kopano, lapho bebebungaza khona impilo yekhansela uMoshe Mphahlele.

UMphahlele ubulawe ngeSonto ebusuku.  Udutshulwe ngesikhathi eyohlinzeka usizo ngesikhalazo sokungalethwa kwezidingongqangi kwabanye abahlali baselokishini abebezama ukuhlala kumakhonteyina okuhlala abantu alethwa uMasipala waseGoli ngo-2020 ngesikhathi somvalelo we-Covid-19.

Amakhonteyina abelokhu emile nje engenalutho, kanti idolobha lisebenzise izigidi zamarandi likhokhela ezokuphepha ukuze livikele ukuhlala ngokungemthetho kwezakhamizi ezintulayo zaselokishini elidla imbuya ngothi.

Inkonzo yesikhumbuzo ibihanjelwe yiPhini likaMengameli we-EFF uFloyd Shivambu, imeya yaseGoli uKabelo Gwamanda, usomlomo womkhandlu uMargaret Arnolds, nabaholi abaningi abaphezulu be-EFF okuhlanganisa amalungu ePhalamende uMbuyiseni Ndlozi no-Omphile Maotwe.

UShivambu uthe uMphahlele ubehlezi ehamba phambili ekusizeni abantu. “Ubeyindoda ezithobile, ehlale ebeka abantu phambili,” kusho uShivambu.

UGwamanda uthe izenzo zaMphahlele bezifana ncamashi nalokho akushumayelayo. “Uwile umuthi omkhulu, sizomkhumbula” usho kanje.

U-Arnolds uthe uMphahlele ubehlukile ngendlela abebhekana ngayo nezinkinga ezithinta idolobha.  “Ubezinikele emphakathini wakubo, eqenjini lakhe nasedolobheni lonke,” esho.

Unxuse i-MMC ukuthi ivikele umphakathi nokuthi iqinisekise ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa.

Abamele amaqembu ezepolitiki ahlukene okubalwa kuwo i-ActionSA, uMkhonto weSizwe ne-Patriotic Alliance nabo bayihambele le nkonzo yesikhumbuzo. 

Umakhelwane kanye nomngani omkhulu kaMphahlele, uDavid Futhane, ubethatha ikhansela elingasekho njengesidlakela sase-Alexandra naseGoli lonke. “UMoshe ubethanda futhi emamatheka nabo bonke abantu, hhayi abeqembu lakhe kuphela kodwa nabo bonke abamanye amaqembu.

“Ubehlale ebeka izidingo zabantu phambili futhi ehlale ebeka eceleni ukungezwani kwabo kwezepolitiki,” usho kanje. 

UFuthane uthe uMphahlele ubengesabi lutho njengoba eshonele emsebenzini wakhe. Ucele abeqembu lakhe elokishini ukuthi bayibambe lapho egcine khona.

Ilungu lomndeni uMishack Pootona uthe uMphahlele ushonele entweni abeyithanda kakhulu.

Esithombeni ngenhla: Izinkumbi zabantu zibuthene enkonzweni yesikhumbuzo sikaMoshe Mphahlele.

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva