IKhabhinethi nemigomo emisha yokhuvethe

Celani Sikhakhane

IKhabhinethi igunyaze imithetho emisha yokuthi abantu abahlolelwe i-Covid-19 ngeke besabekwa bodwa isikhathi esiyizinsuku eziyishumi.

“Labo abatholakala benegciwane bengenazo izimpawu akumele bahlale bodwa. Uma kutholakala ukuthi unezimpawu, isikhathi sokuhlukaniswa sesinciphile sisuka ezinsukwini eziyishumi siye kweziyisikhombisa,” kusho uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMondli Gungubele esitatimendeni ngoMsombuluko.

Uthe lesi sinqumo sithathwe ngemuva komhlangano we-National CoronaVirus Council (NCC) kanye ne-President’s Coordinating Council (PCC).

UGungubele uthe imininingwane eqoqwe ngohlelo olusetshenziswa uMnyango wezeMpilo iveza ukuthi iNingizimu Afrika isiphumile kwisivunguvungu sesigaba se-Covid kuzwelonke.

Samsung Galaxy 14G

I-NCC iphinde yanquma ukuthi labo abake baxhumana neziguli ze-Covid-19 akumele bahlaliswe bodwa ngaphandle kokuthi babe nezimpawu.

Isinqumo siyingxenye yezinga lokuqala lesexwayiso esilungisiwe esisebenza ngokushesha.

I-NCC iphinde yamemezela ukuthi izwe seliphumile ngokusemthethweni kkwisivunguvungu sesine esingazange sibe nomthelela omubi kakhulu kwizakhamuzi.

Ngenxa yemithetho emisha, iKhabhinethi iphinde yathatha isinqumo sokuthi ukufunda kuzophinde kuqale ngokugcwele.

IKhabinethi iphinde yasisusa isihlinzeko esilawulayo sokuqhelelana komphakathi kwemitha elilodwa kwabafundi ezikoleni.

“ONgqongqoshe bezempilo nezemfundo eyisisekelo bazokhipha imiyalelo ekhombisa le ndlela entsha ezinsukwini ezizayo,” kuqhuba isitatimende.

“Sikhumbuza labo abasazogonywa ukuthi bayogomela i-Covid-19 futhi baqhubeke nokubheka imigomo yezempilo eyisisekelo.”

Scrolla World Cup Quiz