Ikati lihamba ePhalamende 

IPhini likaMengameli uDavid Mabuza wesulile esikhundleni sakhe njengelungu lePhalamende likaZwelonke ngoLwesibili kusihlwa.

Ukwesula kukaMabuza kusho ukuthi uzophuma maduze kwikhabhinethi kaMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa, kubika i-Daily Maverick.

UMabuza umemezele ngasekuqaleni kukaNhlolanja ukuthi uyesula esikhundleni ngesikhathi ekhuluma emngcwabeni kamfowabo eMpumalanga.

Ngokuhamba kwesikhathi okhulumela uMengameli uCyril Ramaphosa, uVincent Magwenya uye wasusa umsindo wachaza ukuthi uMabuza uzoshiya isikhundla sakhe kuphela uma sekuqokwe omunye.

Ngesikhathi esula uMabuza uchaze ukuthi udedela uPaul Mashatile kulesi sikhundla.

Kodwa-ke, ukukhethwa kwabazongena kwikhabhinethi entsha kubambezelekile njengoba imibiko iveza ukuthi abasondelene noRamaphosa bayakuvimba ukuqokwa kukaMashatile. Kodwa-ke, uNobhala Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula uyichithile le mibiko wathi akukho lutho oluvimba ukuthi kube noshintsho.

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enoch Godongwana ufungiswe njengelungu lePhalamende ngaphandle kokuthi kube nomsindo.

Kulindeleke ukuthi lesi sinyathelo sibe nomthelela omkhulu njengoba uRamaphosa ezoqoka uMphathi weNgqalasizinda eHhovisi likaMengameli uKgosientsho Ramokgopa njengoNgqongqoshe kagesi.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni ngenhla: UDavid Mabuza

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva