
Dylan Bettencourt
Inhlangano ezimele eKapa isithole ukunconywa emhlabeni wonke ngokwehlisa isivinini eduze nasezikoleni.
Umkhankaso we-South Africans Against Drunk Driving (i-SADD) unconywa ngokusindisa inqwaba yentsha.
ULotte Brondum umqondisi omkhulu we-United Nations-affiliated Global Alliance of NGOs for Road Safety uncome umkhankaso we-SADD.
UBrondum udalule umsebenzi we-SADD wokunciphisa umkhawulo wejubane ngaphandle kwezikole eziyisishiyagalombili zaseKapa owehle ngempumelelo waba ngu-30km ngehora ngezikhathi zantambama.
Endaweni yase-District Six sekushone izingane ezimbili ezingozini zezimoto ngasesikoleni abanye abaningi balimala ngenxa yezingozi zezimoto.
“Uma ubheka umthelela wezingozi kwezomnotho kusobala ukuthi uma singaqaphela singazama ukunqanda noma iziphi izingozi ezingadala ukushona kwabantu noma ukulimala kuphinde kwehle nesibalo. I-Road Traffic Management Corporation yaseNingizimu Afrika ilinganisela izindleko zengozi ezibulale abantu abaningi ku-R7-million,” kusho umsunguli nomqondisi we-SADD uCaro Smit.
“Ngakho-ke uma isibalo sabantu abashona ngezingozi singehla lokho kungasiza iNingizimu Afrika ukuthi yonge imali enkulu.”
Umsebenzi owenziwe i-SADD uza ngemuva kocwaningo olwenziwe ibhange lomhlaba oluveze ukuthi ukwehlisa isivinini kusindisa izimpilo zabantu kunciphisa nokulimala ezingozini zomgwaqo.
Kodwa-ke uBrondum uthe lezi zinyathelo azisetshenziswa emazweni anemali encane njengeNingizimu Afrika.
“Njengoba u-90% wezigameko zomgwaqo emhlabeni zenzeka emazweni anemali encane ngokusho kwe-World Health Organization lokhu kubi kakhulu mayelana nethemba lentuthuko kuwona lamazwe,” kusho uBrondum etshela i-Fin24.
“Ngaphezu kwalokho izingozi zomgwaqo zithinta intsha ephakathi kweminyaka engu-15 no-29 okuyisibalo esihamba phambili kakhulu sokushona kwentsha.”
I-International Road Assessment Programme (i-IRAP) ithe izingozi zomgwaqo zidala ukushona kwabantu noma ukulimala okushintsha impilo yabantu abacishe babe ngu-200 000 eNingizimu Afrika minyaka yonke.
Umthelela oqondile wezingozi zemigwaqo ngokwezimali kuthiwa udle iNingizimu Afrika u-R294-billion ophakathi kwamaphesenti ayisihlanu kuyela kwayishumi ngokusho kwe-RAP.
Umthombo wesithombe: @Dreamstime