UTrevor Noah uthathe ikhefu elifushane wavakashela e-Mexico kodwa isimo sezinwele zakhe sicishe sadunga uhambo lwakhe.
Usomahlaya wakuleli uqale uhambo lwakhe alubiza nge-Off the Record world Tour eMelika ngomhlaka-20 kuMasingana ngemuva kwalokhu ube esecabanga ukuthi kungani angachithi isikhathi sakhe sokuphumula e-Mexico.
Kodwa ngesikhathi uNoah ebuyela eMelika ngaphambi komcimbi wama-Grammy Awards 65 azowusingatha, wavinjwa abezokuphepha esikhumulweni sezindiza.
Ngokuqinisekile uNoah ubengenalutho emthwalweni wakhe obelungamdalela inkinga, kodwa izikhulu zase-Mexico zicabange ukuthi kukhona obekukhona esikhwameni sakhe.
Into abayitholile ngesikhathi bevula isikhwama ikamu lezinwele zakhe.
“Ikamu le-Afro lishaqwe abezokuphepha esikhumulweni sezindiza,” uNoah ube esefaka isithombe ku-Instagram wakhe.
“Bathi abazi ukuthi kuyini lokhu.”
Ikamu akuyona into esetshenziswa kakhulu osikweni lase-Mexico futhi ibangele ukukhathazeka okukhulu ngesikhathi iqhamuka esikhwameni sikaNoah.
Ngemuva kokuba lolu daba seluxazululiwe, uNoah nezinwele ebezingakanyiwe ubuyele e-Los Angeles.
Umcimbi wama-Grammy Awards 65 uzosingathwa usomahlaya oneminyaka engu-38 ngeSonto, kodwa abantu bakuleli bazokwazi ukubuka lolu hlelo ezintatha zangoMsombuluko.
Kuzobe kungokwesithathu uNoah engumethuli wama-Grammy.
“Njalo uma ngiya kuma-Grammys, ngihlangana nomculi omusha ebengingamthandi kodwa ngingenaso isizathu sokungamthandi,” kusho uNoah ohlelweni i-Late Show noStephen Colbert.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: UTrevor Noah
Umthombo wesithombe: @TrevorNoah