IJoyous Celebration izothuthukisa umnotho weTheku 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kulindeleke udlondlobale kakhulu umnotho wezokuvakasha eThekwini ngenxa yomcimbi okhethekile ozobakhona ngosuku olandulela unyaka omusha obizwa nge-Mayine Crossover Gospel Experience okuzobe kukhona kuwo iJoyous Celebration. 

Usomabhizinisi wendawo uMageza Mbambo umemezele lo mcimbi eMushroom Lounge eMhlanga, eThekwini, ngoLwesine ebusuku.

UMbambo uthe kudingeke ukuthi anxenxe iJoyous Celebration ukuthi iphule umthetho wayo wokuthi icula emidlalweni yayo kuphela. 

“IJoyous Celebration yanquma emashumini eminyaka edlule ukuthi abanandisi noma abazamukeli izimemo ngenxa yokuthi banandisa kuphela emcimbini yayo,” usho kanje.

“Kudingeke ukuthi sikhulume nabo futhi senza abasunguli baqonde umbono wethu weqhaza elingadlalwa umculo wokholo ekusizeni umnotho wedolobha wethu ontengantengayo.”

Umsunguli weJoyous Celebration uDkt Lindelani Mkhize uthe umbono kaMbambo ubenze banquma ukuphula umthetho wabo ojwayelekile. 

IMayine Crossover Gospel Experience izoba seDurban ICC ngomhlaka-31 kuZibandlela. Bangaphezu kuka-6 000 abalandeli bomculo wezokholo okulindeleke ukuthi bahambele lo mcimbi. 

UMbambo ugqugquzele abantu ukuthi babhalise izindawo zabo zokuhlala kusenesikhathi. 

Lo mcimbi uzokhangiswa ezweni lonke emasontweni, amathikithi abiza u-R350 kuya ku-R1,500. 

Ngaphandle kweJoyous Celebration, kulo mcimbi kuzobe kunandisa abaculi bokholo abadumile abafana noBenjamin Dube, uLebo Sekgobela, uHlengiwe Mhlaba, u-Ayanda Ntanzi, uRebecca Malope, uLusanda Beja, kanti umculi ngamunye uzocula ihora elilodwa.

Lo mcimbi ubaluleke kakhulu kuleli dolobha ngoba umnotho weTheku wezokuvakasha ulahlekelwe ukusingatha imicimbi emikhulu njengamaSouth African Music Awards namaCrown Gospel Music Awards.

Esithombeni esingenhla: Usomabhizinisi waseThekwini uMageza Mbambo umemezele umcimbi ozoba ngosuku olandulela unyaka omusha i-Mayine Crossover Gospel Experience ezothuthukisa kakhulu umnotho waseThekwini. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva