Linda Ximba
I-Jomo Cosmos okungelinye lamaqembu aziwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, igawulwe izembe kwi-GladAfrica njengoba manje sekumele iyodlala kwi-ABC Motsepe league.
I-Jomo Cosmos iqembu eliphethwe omunye umpetha webhola owaziwayo kuleli uJomo Sono.
Ezenkosi igama leliqembu elidume ngalo elithole udumo ngokukhiqiza abadlali abanekhono kuleli. Abanye balabo baqhubeke nokumela iBafana Bafana kanti abanye baqhubeke nokudlala kumaligi ase-Europe.
Kulabo badlali kukhona uPhil Masinga, uMark Fish, uHelman Mkhalele, uThomas Madigage, uPitso Mosimane, uManuel “Tico Tico” Bucuane, uBenjani Mwaruwari, uChris Katongo nabanye abaningi.
Sekuyisikhathi eside ongoti bebhola bekhala ngokuthi uSono akashenxe ekuqeqesheni aqashe uchwepheshe wesimanje.
Kodwa lo mqeqeshi owake wagijima kwi-Orlando Pirates ukushaya indiva lokho.
Njengoba iminyaka iqhubeka leli qembu belilokhu libhekene nokuhlulwa kanti ngonyaka ka-2016 bahlulwa esigabeni esiphezulu bahluleka ukulwela ukubuya.
Leli qembu lasungulwa ngomhlaka-29 kuMasingana ngo-1983 lakhiwa phezu kweqembu elaziwayo elalinempumelelo i-Highlands Park uSono akhetha ukulithenga ngesikhathi ebuya kodlala eMelika.
Iqembu laqanjwa ngokuthi i-Dion Cosmos ngesizini yalo yokuqala ka-1983 ingxenye yokuqala yegama emele umxhasi wangaphambilini we-Highlands Park kanti ingxenye yesibili yayimele uJomo Sono owanquma ukuqamba iqembu lakhe ayelithengile ngegama leqembu lakhe lakudala i-New York Cosmos.
Umthombo wesithombe:@TimesLive