
Elmon Tshikhudo
Umfundi oneminyaka engu-19 ubudala ushaywe ngesihluku futhi wahlukunyezwa umashonisa ngemuva kokuba umama wakhe ehlulekile ukukhokha imali abeyibolekile.
Ngesikhathi lo mfundi ezama ukubika ubugebengu esiteshini samaphoyisa sendawo, utshelwe ukuthi ngeke aluthole usizo.
ULizzy Nevhulamba, ofunda ibanga lesishiyagalolunye esikoleni samabanga aphezulu i-Vhurivhuri, e-Masisi ngaphandle kwase-Musina, uthe ubeyedwa kubo ngoMgqibelo ngesikhathi kufika umashonisa owaziwayo endaweni ezofuna unina.
“Ngimtshele ukuthi umama akekho njengoba evakashele kwenye indawo. Umashonisa wahamba waphinde wabuya ntambama, esehamba nowesilisa ongaziwa,” kuchaza lo mfundi.
Bamtshele ukuthi unina ukweleta u-R1,400 futhi bafuna ukuthatha izinto zasendlini abazozibuyisa uma imali isikhokhiwe.
“Nganqaba ngabatshela ukuthi kumele bangikhombise lapho umama asayina khona ukuthi bangakwazi ukuthatha izimpahla zakhe uma engayikhokhi imali ayibolekile,” kusho lo mfundi.
Ube esebatshela ukuthi iningi lezimpahla ezisendlini akuzona ezikanina kodwa umsolwa wangena ngenkani endlini ngaphambi kokumshaya wabulala i-plasma TV ebiza imali engaphezu kuka-R7 000.
“Ucishe wangibulala, engikhahlela ephindelela” kuchaza lo mfundi.
“Ngesikhathi ngiyobika emaphoyiseni endawo, angitshele ukuthi indaba yombango le kumele ngiyolibika kwiMantshi. Ngesikhathi ngiyokwelashwa emtholampilo wendawo banginike incwadi yokuthi ngiye esibhedlela esiqhele ngamakhilomitha amaningi.”
Umama kaLizzy, uThingahangwi Nevhulamba, ukuqinisekisile ukuthi ukweleta umashonisa kodwa awekho amalungiselelo enziwe okuthatha impahla yakhe.
“Bacishe babulala indodakazi yami engayazi ngisho nemali. Ngiyazi ukuthi ngiyabakweleta futhi bengizobakhokhela. Inkinga ukuthi bengingekho ekhaya ngalolu suku,” kusho uThingahangwi.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe bekumele kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa.
“Akulona icala lombango leli. Bamshayile futhi kwacekelwa phansi impahla. Kumele athole isikhulu samaphoyisa ukuze asizakale,” kusho uMojapelo.