“IJerusalema” ibengenye yezingoma ezinkulu zangowezi-2020. Manje abaculi bayo bayalwa babanga imali

Everson Luhanga

Kwakuyingoma eyenza abantu baseNingizimu Afrika nomhlaba badansa.

Ingoma eshisa izikhotha ethi “Jerusalema” yenze abaculi bayo uMaster KG (uKgaogelo Moagi) noNomcebo Zikode bathole ukunconywa emhlabeni wonke.

Kodwa manje laba baculi bobabili sebebambene ngezihluthu babanga imali ngale ngoma.

Impi ibiku-Twitter ngesikhathi uZikode ezwakalisa injabulo yakhe.

UZikode ufake ikhophi yencwadi ye-PDF ebonga abalandeli bakhe ngoxhaso alutholile ngale ngoma.

“Ngibonga bonke abalandeli beJerusalema. Nenze amaphupho ami aba yiqiniso ngokuthola ingoma ehlonishwayo emhlabeni jikelele. Izwi lami namaculo ami kudlulele emhlabeni jikelele,” kubhala yena.

“Kodwa ngisalinde okungifanele.”

Uthe ayikho imali ayitholile kwi-record label, i-Open Mic Productions, ngeqhaza lakhe kule ngoma.

“Angikakhokhelwa ngisho isenti ilebula ngeJerusalema yize le ngoma iphumelele emhlabeni wonke … Mina, njengomculi wesifazane, angisakwazi ukuthula ngalokhu, manje indaba isikubammeli.”

Ochungechungeni lwama-tweets, uMaster KG uphendule wathi: “Isivumelwano seJerusalema singu-50/50 Phakathi kwami noNomcebo. Kodwa ufuna u-70% kanti mina kumele ngithole u-30%.

“Ungakuqinisekisa ukuthi awutholanga isigidi esiyi-R1.5 kuze kube manje kusuka kuJerusalema ??? Futhi ngaphambi kokuba ngichaze izinto eziningi nina bantu aningikhokhelelanga ‘iXola Moya Wami’ kuze kube manje… Kodwa niyitholile imali kuze kube manje ukusuka ngeJerusalema.”

I-Open Mic Productions selokhu yalinganisa inkinga yombango wabaculi, isekela uhlangothi lukaMaster KG.

“Singakuqinisekisa ukuthi ngesikhathi kusungulwa iculo uMaster KG (umculi ophambili) noNomcebo Zikode (umculi ofakiwe) bavumelana ngokuthi bazokwabelana ngo-50/50 wemali etholwayo kaMaster KG,” kusho inkampani esitatimendeni.

Abakwa-Open Mic Productions bathi kusukela lapho bekulokhu kuqophisanwa, kodwa akukakhokhwa lutho njengoba “uNomcebo Zikode esazosayina isivumelwano somculi ofakiwe esiqopha okuvunyelwene ngakho phakathi kwakhe noMaster KG ngaphambi kokuthi bobabili bangene estudiyo, ukuyoqopha iJerusalema.”

Izihloko zakamuva