Ijazi ligcwale umoya kumqeqeshi 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


Ngemuva kokuxoshwa i-Tottenham Hotspur idumela lika-Antonio Conte njengesixazululo sesikhashana lisakhona.

Lo mqeqeshi wase-Italy ubephethe iqembu lase-North London izinyanga ezingaba ngu-16 okungesinye sezikhathi ezimfushane emsebenzini wakhe.

Uvame ukubonakala njengomuntu okwazi ukulungisa izinkinga futhi kuze kwaba ngesikhathi ekwi-Totenham wakwazi ukukwenza lokho kwi-Juventus, i-Chelsea  nakwi-Inter Milan.

Yize i-Tottenham isendaweni yesine kwi-Premier League, uConte uye wakhathazeka ngabadlali bakhe ngemuva kwemiphumela engemihle.

Lokhu kuholele ekutheni akhwele adilike kubadlali bakhe nokuthi athi umlando we-Tottenham awuzange ulethe impumelelo.

Usihlalo weqembu uDaniel Levy akukho abengakwenza ngaphandle kokuxosha uConte.

“Sinemidlalo ye-Premier League eyishumi esele futhi silwela ukuthola indawo kwi-Champions League. Sonke sidinga ukuhlangana ndawonye. Wonke umuntu kufanele asukume ukuze aqinisekise ukuthi iqembu lethu liqeda lisendaweni ephezulu kanye nokujabulisa abalandeli bethu abamangalisayo nabathembekile,” kubhala uLevy esitatimendeni.

I-Tottenham iphinde yaqinisekisa ukuthi uCristian Stellini obengumsizi kaConte uyena uzohamba izintambo kuze kuphele isizini, kanti uRyan Mason uzoba umsizi wakhe.

Udaba lukaConte alufani nolwabanye abaqeqeshi abaningi njengoba ehamba phambili kubaqeqeshi abaqashwayo nabaxoshwayo esikhathini samanje.

Amaqembu avame ukubheka umqeqeshi osebenze isikhathi eside kodwa isisindo sokuletha ushintsho siyingcindezi kubaqeqeshi.

UConte usezakhele udumo ngokuxoshwa njalo uma esezoqeda iminyaka emibili.

Iminyaka emibili ibonakala yanele kuConte. Wachitha leso sikhathi kwi-Inter Milan, kwi-Chelsea, kwi-Juventus ngisho naseqenjini lesizwe lase-Italy.

UConte uzozithola esekomunye umsebenzi maduze nje kodwa akasoze abe indoda efunwa amaqembu ukuze akhe isisekelo futhi ahlale ekhona eminyakeni elandelayo.

Ukukhunjulwa njengesixazululo esisheshayo kungase kungabi yifa elihle kulo mqeqeshi (53).

Abaqeqeshi abafana noMauricio Pochettino osanda kuxosha kwi-Bayern Munich, uJulian Nagelsmann kanye noLuis Enrique babhekwe njengezintandokazi zokuthatha izintambo kwi-Tottenham.

Esithombeni esingenhla: U-Antonio Conte

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva