Dylan Bettencourt
Okwesibili empilweni yakhe uStuart Baxter exoshwa yi-Kaizer Chiefs kulandela ukungahambi kahle kwemiphumela.
Yize Amakhosi ehlezi endaweni yesine emiqhudelwaneni yeligi, ukuwina okubili emidlalweni yawo emihlanu edlule kanye nengcindezi yabalandeli, kwenze ukuthi leli qembu lase-Soweto lixoshe uBaxter.
Lesi simemezelo senziwe ngumqondisi wezemidlalo kuleli qembu uKaizer Motaung Jnr.
Njengoba kwenzekile ngaphambi kokuqashwa kukaBaxter, abasizi babaqeqeshi u-Arthur Zwane noDillon Sheppard bazothatha izintambo kuze kuphele isizini.
UBaxter usayine inkontileka ezophela ngo-2023 ne-Chiefs futhi wajutshwa ukuthi aqinise umkhumbi e-Soweto kodwa iqembu lobona sengathi lo mqeqeshi waseBritain akakwazanga ukufeza lokho.
Lo mqeqeshi (68) ujoyine i-Chiefs okwesibili ngemuva kokwenza kahle kwinkontileka yokuqala phakathi kuka-2012 no-2015, lapho awina khona izicoco ezimbili zeligi nezimbili zasekhaya.
Amakhosi abone sengathi ukubuyisa uBaxter kuzoqeda izipoki ezize noGavin Hunt ngesizini edlule oxoshwe ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili kuphela.
UHunt akazange abekezelele izikhathi ezinhle kwi-Chiefs futhi abaphathi babona sengathi umqeqeshi ozinzile uzobabuyisela lapho okufaneleka khona.
Yize kunjalo imiphumela engemihle nokungagculiseki kwabalandeli kwanele ukuthi i-Chiefs ixoshe uBaxter.
Lo mqeqeshi waseNgilandi ushiya iqembu ngemuva kokunqoba imidlalo engu-11 emidlalweni engu-26, wahlulwa eyisishiyagalolunye.
Ukuxoshwa kukaBaxter kucace ngempelasonto edlule ngemuva kokuthi i-Chiefs ihlulwe ngo 1-0 idlala ne-SuperSport United. Abalandeli abebesenkundleni babhoke ngolaka bajikijela izinto kumqeqeshi bethi akaxoshwe.
Ngemuva komdlalo uBaxter uthe uma iqembu limfuna ehambile uzohamba.
“Anginawo umyalezo kubalandeli, ngoba uma befuna ngihambe, ngizohamba. Uma usihlalo (uKaizer Motaung) ethi kimi ‘Stuart, angicabangi ukuthi wenza umsebenzi omuhle,’ ngizobe sengihamba.
“Anginankinga ngokwenza lokho. Ngizozihambela, uma ngingacabangi ukuthi ngihola iqembu ngendlela eyakhayo, ngizohamba. Akunankinga,” kusho uBaxter.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs