
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Angeke kwenzeke ukuthi izwe libe nesiphithiphithi esenzeka ngezibhelu zangoNtulikazi ngo-2021 – kusho uhulumeni.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ilungelo lokubhikisha aliphelele futhi iziyaluyalu ngeke zibekezelelwe.
“NgoMsombuluko kuzobe kuyimpelasonto ende. Abantu abaningi bakuleli bazovakashela emakhaya futhi silindele ukuthi kube nokuhleleka okuphelele nokuzwana ezweni lethu,” esho.
“Amasosha ami ngomumo ukuvikela abantu bakuleli.”
Ubephendula izicelo zomholi we-EFF uJulius Malema zokuthi abalandeli bakhe nalabo abazwelana nabo kumele bavale izwe ngoMsombuluko ngomhlaka-20 kuNdasa.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele useqinisekise izwe ukuthi ngeke kube nezinxushunxushu ezweni ngoMsombuluko.
UNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise uthe umbutho wezokuvikela wakuleli (i-SANDF) uzobe umi ngomumo ngabasebenzi abangu-73 000.
Amaphoyisa kanye nombutho wamasosha bajutshwe ukuthi balungele ukubhekana namaqembu ahlela ukuphazamisa ukuhamba kwezimoto, izindawo ezibalulekile kuzwelonke njengezikhumulo zezindiza, amachweba kanye nezikhungo ezahlukene zikahulumeni njenge ngxenye yalokho okubizwa ngokuthi ukuvalwa kwezwe.
“Sifuna ukuqinisekisa wonke umuntu ezweni ukuthi ngomhlaka-20 kuNdasa kuzoba usuku lwebhizinisi olujwayelekile. Sifuna ukugcizelela emphakathini wethu ukuthi ngokuphambene nezimemezelo zalabo abakhuthaza noma yikuphi ukuphazamiseka, zonke izikhumulo zokungena – ezomhlaba, ulwandle nomoya – zizosebenza,” kusho uCele.
NgoLwesithathu uMalema unxuse amalungu e-EFF angaphezu kwesigidi ukuthi azilungiselele ukwenza imibhikisho ezindaweni ezibalulekile ezweni lonke.
Uthe ngeke bamashele endaweni ethize kodwa kuzoba nemibhikisho kuwo wonke amadolobha ezweni lonke.
Uthe imibhikisho yabo izomisa amachweba abalulekile afana ne-Richards Bay Harbour okuyisizinda se-Richards Bay Coal Terminal, izindawo ezibalulekile kuzwelonke okubalwa isikhumulo sezindiza i-OR Tambo kanye nezikhungo ezahlukene zikahulumeni.
UMalema ucele “amalungu akhe” ukuthi aphendule ngendlela enodlame ezigamekweni ezinodlame ezenzelwe ukubukela phansi uhlelo lwazo lokuvala izwe.
“Masosha ethu nizivikele. Noma ngubani ozosusa udlame nimkhombise ngokuphindwe kabili ukuthi nani niyakwazi ukulwa,” usho kanje.
Inhlangano yamatekisi kazwelonke kanye ne-National Taxi Alliance baziqhelelanisile nemashi bathi amalungu abo athinteka kakhulu ngenxa kathaqa njengoba abanye osomatekisi balahlekelwa izimoto zabo nemali.
Ukuvalwa kwezwe kuzodla imboni yamatekisi eyenza u-R60 billion ngaphezu kuka-R150 million ngosuku.
Okhulumela i-National Taxi Council uTheo Malele uthe impelasonto ende ivamise ukuba isikhathi esimatasa embonini lapho abasebenzi beshiya izizinda zezomnotho – eGoli, eThekwini naseKapa – bevakashela imindeni yabo ezifundazweni zasemakhaya e-Limpopo, e-Mpumalanga kanye nase-Eastern Cape.