Lungani Zungu
Ukungqubuzana ngamakhanda phakathi kwabammeli bakaMengameli wangaphambilini wezwe uJacob Zuma nabammeli bombuso kuzoqhubeka ngoLwesithathu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu uma sekuqhubeka icala lokuThengiswa kweZikhali.
Usuku luqale kahle eqenjini labammeli bakaZuma ngemuva kokuthi iJaji uPiet Koen ekhiphe isinqumo esiphikisana nombuso, obufuna uZuma anikeze amarekhodi akhe ezempilo ukufakazela isimangalo sakhe sokuthi uyagula.
Abammeli bakaZuma, ummeli uDali Mpofu nommeli uThabani Masuku, balwela ukuthi umshushisi wombuso u-Advocate Billy Downer azihoxise kuleli cala.
UZuma ubengekho enkantolo, kanti ummeli wakhe oqinisekisile ukuthi usesibhedlela e-Gauteng, lapho elulama khona ngemuva kokukhishwa kwakhe ejele ngoshwele wezempilo.
Lowo owayenguMengameli usanda kudonsa izinyanga ezimbili zesigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ebhadla ejele ngokudelela imiyalelo emibili yenkantolo ngesikhathi ededelwa.
Emizamweni ebabazekayo yokususa uDowner kuleli cala, uMpofu noMasuku basola umshushisi wombuso osezingeni eliphezulu ngokunikeza intatheli amarekhodi abucayi kaZuma, phakathi kwamanye.
Ummeli woMbuso uAdvocate Wim Trengrove obethukuthele egane unwabu, uthe uMpofu noMasuku bakweleta uDowner ukuxolisa ngokuqamba amanga ngaye.
“Abangani bami abafundile bavame ukuthathwa njengabantu abahlasela abanye ngemininingwane engaphelele noma ekhetha amaqiniso,” kusho uTrengrove.
Usole ithimba lezokuvikela likaZuma ngokuthi lifuna ukumdicilela phansi uDowner.
“UMnu uDowner ukweletwa ukuxolisa ngokuqanjelwa amanga emphakathini,” kusho uTrengrove.
UTrengrove uthe uDowner ufanelwe yindondo yokumela ubulungiswa ngokuphikisana nabaphathi bakhe kwi-National Prosecuting Authority (i-NPA).
Kusazobonakala ukuthi ngabe leli ngelinye isu likaZuma yini lokubambezela leli cala ngokulwisana noDowner.
UZuma usolwa ngokufuna nokugwazelwa abasolwa ayekanye nabo, inkampani yezikhali yase-France i-Thales, phambilini eyayaziwa nge-Thomson-CSF.
Lokhu kube ukuzivikela kukaZuma ophenyweni oluzayo lohlelo lokuthengwa kwezikhali lemali eyizigidigidi ezingama-R60 ngasekupheleni kweminyaka yama-1990.