Ijabulile i-Arsenal ihlula i-Chelsea

Dylan Bettencourt

I-Arsenal izinikeze inhlansi yethemba ekuphokopheleni kwi-Champions League ngokuhlula i-Chelsea ngamagoli amane kwamabili ngoLwesithathu ebusuku.

Umdlalo wokuqeda amaqembu amane aphambili use-London lapho i-Chelsea, i-Arsenal ne-Tottenham Hotspur bebanga lokho okubaluleke kakhulu.

I-Arsenal ibibhekene nezimbangi i-Chelsea ngemuva kokuhlulwa emidlalweni emithathu futhi idinga ukunqoba kanti i-Chelsea ibanikeze abakudingayo.

Iphutha lokuzivikela lika-Andreas Christensen esiwombeni sokuqala libonise umgadli u-Eddie Nketiah enikeza iqembu lakhe igoli lokuhamba phambili.

Lokhu kujabula kushabalele ngokushesha lapho uTimo Werner eshaya igoli elidlule unozinti we-Gunners u-Aaron Ramsdale.

Okunye ukwehluleka ekwahluleleni okuvela kuma-Blues kuvumele i-Arsenal ukuthi iqale ukuhlasela besebenzisa  uMartin Odegaard befaka ibhola ekhoneni elingezansi kwesokudla.

Kumdlalo we-London derby ubuveza ukuya phambili nokubuyela emuva iqenjini lasekhaya elishaye igoli lokulinganisa elifakwe ukaputeni uCesar Azpilicueta enethini. 

Njengoba umdlalo ubusuzinzile i-Arsenal ibibukeka ikhanya kakhudlwana ezinhlangothini zombili futhi ingcindezi yabo ibonakale lapho elinye iphutha lokuzivikela libona uNketiah eshaya elinye futhi.

Isipikili sokugcina sishayelelwe  u-Azpilicueta ewisa ngokungadingekile uBukayo Saka ebhokisini ukuze anikeze iqembu likaMikel Arteta iphenalthi eshawe uSaka walibeka ekhaya kalula.

La maphuzu amathathu abeke i-Arsenal ngokulingana ngamaphuzu nezimbangi zayo zase-North London i-Tottenham engaphambi kwayo kuphela ngokuhluka kwamagoli.

I-Chelsea ibonakala ihamba phambili kodwa izobheka ehlombe njengoba zombili izimbangi zayo zase-London zisele ngamaphuzu amahlanu kuphela.

I-Chelsea inomdlalo esandleni ngaphezu kwe-Arsenal ne-Tottenham. 

Nokho i-Arsenal ngokulandelayo izobhekana ne-Manchester United kowe-Premier League komunye umdlalo ozothinta kakhulu ibhola lase-Europe ngesizini ezayo.

Njengoba sekusele isikhathi esingaphezudlwana kwenyanga kuqale isizini ngeke kube nesiqiniseko sokuthi ubani ozodlala ibhola le-Champions League ngesizini ezayo.

Umthombo wesithombe:@PremierLeague

Izihloko zakamuva