IHungry Lions ilwela ukuqeda ngeCosmos

Menzi Magubane

Uma kuya ngommeli weHungry Lions uKarabo Tshabuse, iJomo Cosmos ingase izithole isivinjelwe ukuthi ingaphinde ibambe iqhaza ebholeni lakuleli.

Yilokhu ummeli weHungry Lions uKarabo Tshabuse akulwelayo.

“Yize udaba luhoxisiwe, sizocela umshushisi uZola Majavu ukuthi aphenye, abeke icala futhi mhlawumbe avaleavimbele iJomo Cosmos ukuthi ingalibambi iqhaza ebholeni,” kusho uTshabuse.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iCosmos ihoxise icala layo elibhekene neLions ngemuva kokuthi Ezenkosi zitholwezitholakale zinecala lokuqamba amanga ngokuzama ukuqhubeka ne-GladAfrica Championship.

ICosmos, egawulwe yizembe kwi-ABC Motsepe League, ifake isimangalo mayelana neLions nomdlali wayo uTshepo Mohlala ekomitini eliqondisa izigwegwe kwi-Premier Soccer League (PSL).

Ezenkosi zithi iLions ifake uMohlala enkundleni obengafanelekile ngoba ebebhalise njengomdlali weCosmos ngaleso sikhathi emidlalweni engu-10 lapho ekwaze khona ukuqoqa amaphuzu angu-15.

Uma betholakala benecala, lawo maphuzu abezovinjelwa, ngaleyo ndlela yehlise iqembu nokugcina iCosmos kwi-GladAfrica Championship.

Kodwa-ke, ngoMsombuluko kuvele ukuthi abukho ubufakazi ngalezi zinsolo futhi iCosmos inamaphepha angamanga anesithombe seqembu esitholweesitholakale ku-Facebook.

“Njengoba sisalungiselela udaba olubekwe yikomiti lokuqondisa izigwegwe ngoMsombuluko, elimele iHungry Lions nomdlali uThato Mohlala, thina njengethimba labammeli sithole isaziso sokuhoxiswa kuwabammeli beJomo Cosmos,” kusho uTshabuse kwi-SABC Sport.

“Sesibethulile ubufakazi bokuthi lo mdlali akakaze abhaliswe kwiJomo Cosmos ngesikhathi okukhulunywa ngaso.”

UTshabuse uthe bathole lezi zinsolo ezingamanga ngesithombe esiku-Facebook.

“Sinabo nobufakazi obukhomba ukuthi iJomo Cosmos izenzele amakhadi okudlala okuthiwa yawasebenzisa ukuzama ukufakazela lezi zinsolo, esithombeni esiku-Facebook esathathwa nyakenye ngesikhathi lo mdlali eneminyaka engu-21,” esho.

Umshushisi uMajavu ukuqinisekisile ukuthi iCosmos itholweitholakale inecala.

“UJomo Sono wahoxisa icala elibhekene neHungry Lions waphinde waphucwa imali engu-R30 000 yesikhalo. Wayalelwa ukuthi akhokhele iLions izindleko zecala ezingu-R150 000.

“Waphinde wayalelwa ukuthi akhokhele izindleko ze-PSL kwi-DC, kanti leyo mali kusamele inqunywe. Phezu kwalokho bayalelwa ukuthi baxolise kwiLions esidlangalaleni,” kusho uMajavu.

Umthombo wesithombe: @DailySun

Izihloko zakamuva