Celani Sikhakhane
Umsindo omkhulu womphakathi uvimbele izinhlelo zikaMnu Nathi Mthethwa zokugxumeka ifulegi lika-R22 million.
Lokhu kuphoqe uNgqongqoshe ukuthi aye kuMengameli uCyril Ramaphosa ukuze ayothola iseluleko.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezoBuciko namaSiko ube nesonto lonke ekhohliwe ngemuva kokumemezela ukuthi uMnyango wakhe uzogxumeka isigxobo esibizayo esingamamitha angu-100 e-Freedom Park ePitoli.
Lesi simemezelo simfake enkingeni njengoba abantu abaningi baseNingizimu Afrika bengene ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene bezwakalisa ulaka lwabo, besola lezi zinhlelo ngokuthi ziyinhlamba kubantu abampofu ezweni.
I-TimesLive ibike ukuthi uMthethwa uphuthume kuRamaphosa wacela ukumshayela ucingo ngemuva kokuvela kwalezi zindaba.
Ngesikhathi uRamaphosa etholakala, uMthethwa utshele uMengameli ukuthi udinga iseluleko sakhe ngodaba lwefulegi futhi utshelwe ngokungananazi ukuthi awuhoxise lo msebenzi.
Kamuva uRamaphosa uveze emhlanganweni we-Black Business Council e-Midrand ukuthi uMthethwa ubehlalele ovalweni ngalolu daba.
Esho ehleka uRamaphosa uthe: “UMthethwa ufike kimina wathi, ‘Mengameli, ngicela ungitshele ukuthi ngingakushayela nini ucingo.’ Ngathi kuye ‘Mthethwa ngisemhlanganweni wekomiti leKhabhinethi, sizokhuluma ngemuva kwawo.
“Ngabuyela kuye ngamshayela ucingo wase ethi kimi, ‘Mengameli le nto yefulegi okuyisinyathelo esihle kakhulu, kubonakala sengathi abantu bakithi abajabule ngayo,’ ngase ngithi ‘Impela abajabulile ngayo. Hoxisa le nto’.”
Ifulegi lesikhumbuzo selidale ulaka embonini yezokungcebeleka kangangokuthi ngesikhathi kushona uDeborah Fraser ngeledlule, uMthethwa udonswe ngendlebe ukuthi angayi emngcwabeni waleli ciko.
UMthethwa ubesolwa ngokunganaki abaculi abafana no-Fraser ngesikhathi kuvalwe izwe. Manje useqoke ukuthi akhiphe u-R22 million wokwakha ifulegi.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele uthe lolu hlelo lwefulegi beluhloselwe ukuhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika kodwa kubukeka sengathi inhloso yalo igejile.
Iphrojekthi yefulegi yamukelwe ngoNhlolanja ngesikhathi somhlangano weKhabhinethi.