Ihleli ngesinqa esisodwa imeya ye-IFP

Lubhalwe nguLungani Zungu

U-Albert Mncwango we-IFP useyiMeya yaKwaNongoma okwamanje, kodwa kungenzeka kuthi kuphela usuku lwanamhlanje sekungokunye.

Umhlangano womkhandlu kaMasipala wakwaNongoma obungoMsombuluko wokuvotela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMncwango, uhlehlisiwe ngemuva kokuthi kuvuke uthuthuva kwaba nesiphithiphithi.

USomlomo uBheli Zulu naye usindile kulokhu.

Nokho-ke, omunye umhlangano womkhandlu kulindeleke ukuthi uhlale namhlanje ukuze kuvotelwe iziphakamiso zokungabethembi ubuholi beMeya noSomlomo.

Lo mhlangano obungoMsombuluko ubambezeleke kwaze kwashaya ihora leshumi nambili ngemuva kokuthi abantu okuthiwa bangabalandeli be-IFP bevale amasango kaMasipala ngesihlabathi nezingodo.

Abanye babo bebegqoke imvunulo ye-IFP kanti bacishe bashaya nesixuku okukholakala ukuthi abalandeli be-ANC, kodwa amaphoyisa asheshe alamula.

“Ubuholi besifunda buyajabula ukuthi amakhansela eNkatha Freedom Party akwazile ukuziveza ukuthi awasebenzi, kodwa athanda impi,” kusho uMnu Ntokozo Sibiya onguNobhala we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo.

Ngaphakathi emhlanganweni womkhandlu amakhansela e-IFP azamile ukuvimba ukuthi umhlangano ungaqhubeki.

USibiya uthe umfelandawonye oholwa i-ANC uqoke ukuhlehlisa lo mhlangano, “ukuze kunqandwe ukucekelwa phansi kwempahla nokuqinisekisa ukuphepha kwamakhansela.

I-EFF eyethula iziphakamiso ngokumelene neMeya noSomlomo, ichaze ukuziphatha kwabalandeli be-IFP njengokudlobongela.

Lesi isimo esishube kakhulu njengoba i-IFP ingase ilahlekelwe uNongoma kumadlelandawonye aholwa i-ANC okokuqala ngqa emlandweni waleli dolobha lasemakhaya.

Indlela izihlalo ezihleleke ngayo emkhandlwini zivuna umfelandawonye we-ANC ne-EFF.

Umfelandawonye we-ANC-EFF ne-NFP unezihlalo ezingu-24 uma kuqhathaniswa nezingu-20 ze-IFP kanti kungenzeka ukuthi zihlanganiswe nesisodwa se-National People’s Front, okuyiqembu elasungulwa ngowayengumholi we-NFP oqavile uBheki Gumbi.

UNongoma uphethwe ngokubambisana i-IFP ne-EFF kusukela ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.

I-EFF isemkhankasweni wokususa I-IFP emandleni kubo bonke omasipala esebenzisana neNkatha kubo ngemuva kokungaboningasolinye kwalamaqembu.

Ngemuva kwalokho umholi we-EFF uJulius Malema uyalele wonke amaphini ezimeya zeqembu lakhe eKZN ukuthi zesule lapho iqembu libusa ngokubambisana ne-IFP.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthe uhlela umhlangano omusha womkhandlu namhlanje.

USihlalo we-IFP esifundazweni uMnu Thami Ntuli akatholakalanga ukuba aphawule.

Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-IFP bengaphandle kwamahhovisi kaMasipala waKwaNongoma emhlanganweni womkhandlu obunesiphithiphithi ngoMsombuluko

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva