Ihleli ngesinqa esisodwa iMeya yakwaMaphumulo  

Lubhalwe nguLungani Zungu

Sisengcupheni isikhundla sikaMatozi Khuzwayo-Dlamini we-ANC oyiMeya yaKwaMaphumulo.

Uzoqhubeka futhi kuleli sonto umdonsiswano omkhulu wokulawula omasipala abalengayo phakathi komfelandawonye we-ANC ne-EFF kanye ne-IFP KwaZulu-Natal.

I-IFP ithi ukunqoba kwe-ANC ne-EFF ngemuva kokuketula iMeya kaMasipala wakwaMaphamulo, uMnu Siboniso Nyatikazi akukho emthethweni.

USihlalo we-IFP esifundazweni uThami Ntuli ukuqinisekisile ukuthi iqembu lizoya eNkantolo kuleli sonto.

“Sinesiqiniseko sokuthi inkantolo izosivuna ngoba zonke izinhlelo zanyathelwa  ngesikhathi somhlangano. I-ANC isebenzisa amasu ukuze ibuyise omasipala kanti angeke sikuvumele lokho,” kusho uNtuli.

Omunye okhishiwe  emhlanganweni womkhandlu ngeledlule nguSomlomo we-IFP uMnu Musawenkosi Ngidi.

OwayeyiMeya uNyatikazi uthe uzobuyela kulo masipala njengeMeya lingakapheli isonto.

I-IFP isole uNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu (Cogta), eKZN uBongi Sithole-Moloi ngokusebenzisa budedengu amandla akhe ukusiza iqemb lakhe ukuze lintshontshe omasipala e-KZN.

“I-ANC ne-EFF izigebengu futhi banezinhlelo zokuntshontsha omaipala e-KZN. Sizozilwela sisebenzisa umthetho ngoba asikwazi ukuxhashazwa i-ANC nabalandeli bayo ngokumelene nokusebenzisa ubulungiswa lapho sibona sengathi akunabulungiswa,” kusho uNyatikazi.

Amathemba e-IFP okubuyisela uMasipala wakwaMaphumulo aqinile ngemuva kokuthi umakadebona weqembu u-Albert Mncwango obekhishwe esikhundleni sokuba iMeya kuMasipala waKwaNongoma ngesonto eledlule ubuyele esihlalweni sakhe ngemuva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esivune iqembu le-IFP.

UNgqongqoshe uSithole-Moloi usamile kwelokuthi akukho okungahambanga kahle ngomhlangano wakwaNongoma nakwaMaphumulo.

Isithombe esingenhla:  IMeya ye-ANC yakwaMaphumulo uMatozi Khuzwayo-Dlamini olengelwa izembe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva