Ihlazo ngesimo sethuna likaSenzo Meyiwa

Celani Sikhakhane

Sekuphele iminyaka emibili ithuna likaSenzo Meyiwa owayengukaputeni weBafana Bafana lacekelwa phansi.

I-South African Football Association (i-Safa), ngemuva kokuthembisa ukulungisa ithuna, manje isola ubhubhane ngokubambezeleka.

Lo nozinti we-Orlando Pirates owadutshulwa wabulawa yizigebengu ngo-2014, wangcwatshwa emathuneni i-Durban Heroes Acre, eThekwini.

Ababezilile abavakashele leli thuna ngoZibandlela ngo-2020 bashaqeka ngesikhathi bethola ukuthi ithuna lomdlali webhola obulewe limoshekile.

Izingcezwana zetshe lemabula zazihlakazekile ethuneni lomdlali weBafana, ngesikhathi ithuna eliseduze kombhali odumile kanye nentatheli uNat Nakasa nalo licekelwe phansi.

Umzala kaMeyiwa, uSifiso Meyiwa, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kwakunzima ukubona ithuna lakhe likuleso simo ngesikhathi basazama ukumtholela ubulungiswa.

“I-Safa yathembisa ukuthi izolilungisa lelitshe lethuna maduzane ngemuva kokuthi licekelwe phansi kanti lokho kwenzeka ngo-2020,” kusho uSifiso.

UKwenza Ngwenya we-Safa uthe baqoke inkampani ezolungisa itshe lethuna.

“Ngebhadi babe nezinselelo ngemuva kokuqala komvalelondlini ngo-2020 futhi abakwazanga ukuqhubeka nomsebenzi. Engingakutshela khona ukuthi ukulungiswa kwethuna kuzokwenziwa maduze,” etshela i-Scrolla.Africa.

Umndeni uphinde waba nenkinga ngetshe lethuna likayise kaSenzo Meyiwa, uMnu Sam Meyiwa, okudingeke ukuthi lisuswe umhlinzeki ngemuva kokuthi umndeni uhluleke ukukhokha u-R70 000 walo.

Icala lamadoda amahlanu asolwa ngokubulala uMeyiwa (30), liqale ngoMbasa, kodwa umndeni kaMeyiwa ukholelwa ukuthi abasolwa okuqulwa icala labo lokubulala akubona ababulali bakhe bangempela.

Scrolla World Cup Quiz