Ihlazo lokushushumbiswa kwegolide eZim  

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Izazi zezemnotho zixwayisa ngokuthi umnotho wase-Zimbabwe ontengantengayo uzoba nenkinga kakhulu uma imisebenzi yokushushumbiswa kwegolide evezwe kwidokhumentari ye-al Jazeera ngesonto eledlule ingamiswa.

Idokhumentari i-Gold Mafia idalule ukuhwebelana okusolwa ukuthi kuhlelwe izikhulu zikahulumeni.

Isazi esicubungula ezomnotho uVince Musewe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuphuma kwegolide ngokungemthetho kuphuca umnotho wase-Zimbabwe inzuzo yentela.

“Kunemali ekhokhwayo uma kumbiwa igolide ngakho uma uhulumeni engakwazi ukuqoqa leyo ntela uzokwehluleka ukuthola leyo mali. Yingakho sinengqalasizinda ewohlokayo ngisho nomkhakha wethu wezempilo uyawohloka,” kusho uMusewe.

“Uma kudayiswa igolide ngokusemthethweni, inkampani ithumela igolide kwamanye amazwe bese uhulumeni ethola u-5% wentela noma lokho okuncane abakutholayo ngokuya ngokuthi badayise kangakanani.

“Ngakho-ke, uma igolide lingadayiswa ngokusemthethweni, lishushumbiswa lokho kusho ukuthi uhulumeni ulahlekelwa kakhulu emalini yentela ngamadola aseMelika angasetshenziswa ukuthuthukisa izwe kuphinde kusizakale iningi.”

UMusewe uthe uma uhulumeni engenayo imali eyanele bayaphoqeleka ukuthi baboleke nokuyinto eholela ekutheni babe nezikweletu eziphezulu bese kuwohloka umnotho kuthikameze izakhamizi ekutheni zithole izidingo nezimpahla uhulumeni angazixhasa ngazo.

Kodwa okhulumela i-Zanu-PF uChristopher Mutsvangwa uthe udaba lwegolide edayiswa ngokungemthetho umbhedo futhi akuwenzi umqondo.

“Bengaqhubeka nokuklolodela abanye. Yinye into eqinisekile ukuthi igolide manje seliyisikhonkwane semali yethu yezwe,” esho.

Le dokhumentari isakazwe ngoLwesine futhi ikhombise ozibiza ngomphrofethi u-Uebert Angel inxusa lase-Zimbabwe emazweni aseMelika nase-Europe uthembise ukwenza isivumelwano emhlanganweni nezintatheli ze-al Jazeera ezizenza abatshalizimali base-China.

Ukushushumbiswa kwemali kube indaba esemqoka futhi kule dokhumentari u-Angel uthintane nomshana kaMengameli uHenrietta Rushwayo onguMengameli we-Zimbabwe Miners Federation.

Esitatimendeni esikhishwe i-Scrolla.Africa esisayinwe isikhulu esibhekelela ukutshalwa kwezimali u-Angel, bekunezinsolo zokuthi izintatheli “ziqhubekile nokuphusha ukuthi kube nomndeni kaMengameli ezingxoxweni ikakhulukazi unkosikazi kaMengameli kanye noMengameli kanti okuhle kakhulu laba bantu abakutholile ngamazwi mbumbulu aqoshiwe.”

Izingxoxo bezimayelana nokushushumbiswa kwegolide lisuka e-Zimbabwe liyiswa e-Dubai.

“Ngokugcizelela ‘kwabatshalizimali’, inxusa u-Angel ushaye ucingo kaningi ezama ukukhuluma nabasebenza nehhovisi lethu. Laba bantu bazenza uHenrietta Rushwaya ongunkosikazi kaMengameli kanye nendodana kaMengameli,” kuqhuba isitatimende.

Esitatimendeni u-Angel ucashunwe egxeka izinsolo zokuthi izikhulu zikahulumeni zinesandla ekushushumbiseni igolide.

Uphinde wathi amazwi kankosikazi kanye nendodana kaMengameli ayengowomgunyathi futhi enziwe “ngamaqola.” Njengoba lezi zindaba zingavelanga kwidokhumentari yangoLwesine cishe zizovela eziqeshini ezilandelayo.

Esithombeni esingenhla: U-Eubert Angel

Umthombo wesithombe: Eubert Angel Twitter page

Izihloko zakamuva