Ihlazo iziMeya zixabana emngcwabeni womsakazi woKhozi 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Icishe yaduba umngcwabo womsakazi woKhozi FM iMeya ye-ANC kamasipala uMuziwabantu e-Harding, ebicasulwa ukuthi ifakwe ihlelweni njengomuntu ozokwamukela izihambeli ekubeni iziMeya ze-IFP bezenziwe izikhulumi eziqavile.

Kube umzukuzuku uMnu Siboniso Zungu encengwa ukuba azokhuluma emngcwabeni ka-Irvin Sihlophe kodwa wagoloza ethi kungukumedelela ukuthi kuthiwe uzokhuluma kuqala bese kuvala uThami Ntuli oyiMeya ye-IFP kumasipala wesiFunda iKing Cetshwayo.

Ngemuva kwalokho uZungu ubengasabonwa nangokhalo nokugcine kucace ukuthi udube wahamba.

Utshele iScrolla.Africa ukuthi kunomkhonyovu obuwenziwa ohlelweni lo mngcwabo kodwa ukwazile ukulwa nawo.

“Ekuqaleni bathe mina ngizokwamukela izihambeli. Ngiyinqabile leyonto ngathi ngeke bakubone lokho ngoba befake iziMeya ze-IFP ukuthi zethulwe yimi. Bathe besuka bazama ukuzenza izihlakaniphi, bangifaka ukuthi ngethule inkulumo. Nalapho bebengifaka ukuba ngikhulume kuqala kunoNtuli we-IFP. Leyonto ingucasulile ngathi ngifuna ukugcina bekumele kuqale yena uNtuli,” kusho uZungu.

Amakhansela kaKhongolose kuthiwa abedinwe eveva esola IziMeya ze-IFP ngokusebenzisa imali ukuthola udumo emngcwabeni kaSihlophe.

Amanye amakhansela abesho nokuthi kukhona iziMeya eziphethe amasaka emali ukuze zizozincengela ukuthi zifakwe ohlelweni.

UZungu ugcine ebuyile kodwa akazange ahlale nosopolitiki. Kunalokho ubuye wazohlala nabaculi nabasakazi.

Ufike etendeni sekukhuluma uNtuli we-IFP naye okuthiwa ubegoloza ukukhuluma kuqala.

Okhulumela umndeni wakwaSihlophe, uMnuz Lucky Nkosi uncenge wazewadela kodwa uZungu akazange angene esiteji.

Kuze kwancenga umngani kaSihlophe, uMnuz Zipho Mthethwa noyimenenja kamasipala waseMthonjaneni.

“Ngiyakucela Gwabini ukuba wenzele uSihlophe. Akuzukuba kuhle ukuba agcine eseyobekwa endlini yakhe yokugcina ungakhulumile ngicela usondele Gwabini ukuze kubenokuthula,” kusho uMthethwa.

UNtuli uthe bakhiphe imali yenkomo emndenini engu-R20 000 beyi-IFP, kwasekuba imininekelo ebiphethwe iziMeya abehamba nazo okungeyasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase neyaseMzinyathi uMfundisi Petros Ngubane. 

UZungu naye ugcine ukhulumile waduduza umndeni sekuphunywa.

Scrolla World Cup Quiz