Arthur Greene
Bekufanele kube isikhathi esibalulekile kuye, kodwa ukufunga kukaRigathi Gachagua njengePhini likaMengameli wase-Kenya kube impicabadala.
Ngemuva kwemizuzwana nje uWilliam Ruto efungiswe njengoMengameli wesihlanu wase-Kenya ngoLwesibili uGachagua obebukeka ethukile naye uthole ithuba lokufunga washaya udaka.
Isixuku sabantu abaningi e-Moi International Sports Centre e-Nairobi simbuke ngokushaqeka njengoba umuntu wesibili onamandla kakhulu ezweni ehluleka ukuphinda amazwi ashiwo nguMbhalisi Omkhulu Wezobulungiswa u-Anne Amadi.
Iqale kahle uthi:
“Mina Rigathi Gachagua.”
“Ngiyafunga,” kusho u-Amadi.
“Ngiyafunga,” kuphinda iPhini likaMengameli.
“Ukuthi ngizohlala njalo, kusho u-Amadi
“Ukuthi ngizohlala njalo, kusho iPhini likaMengameli.
“Ngempela nangenkuthalo, kusho u-Amadi.
Uvele wangabaza uGachagua wangazi uzothini wabheka ngaku-Amadi efuna usizo.
“Ngempela nangenkuthalo,” kuphinda u-Amadi, kodwa uGachagua uvele wazithulela wabheka amaphepha angezansi kwakhe ngokungakwazi ukuzisiza kukhona obekungahambi kahle.
“Ngempela nangenkuthalo,” kusho u-Amadi okwesithathu. Isixuku siqala ukuhleka abanye bashaya amakhwela.
U-Amadi uyaphuthuma ukuze ahlele kabusha amaphepha.
“Ngeqiniso futhi ngokuzimisela!” Kusho uGachagua. Ukhiphe inothi elifanele emoyeni wakhe omncane.
Kuqhubeke kwahamba kahle, kodwa ubengabukeki ekhululekile njengoba ubesho amagama afana naka-Amadi.
Kodwa inhlekelele iphinde yaphinda.
“E-Republic yase-Kenya,” kusho u-Amadi.
Kuthuleke. Umlomo kaGachagua uyanyakaza kodwa akuphumi lutho.
“Ukuthi ngizokukhuthalela…” Cha! Lokho ngeke kusebenze ngalesi sikhathi.
“Ngenzw umsebenzi wami ngisizw abantu,” u-Amadi eqhubeka.
Kodwa uGachagua akakuqondi lokhu waphendula wathi: “Ngenza imisebenzi yami futhi ngenze imisebenzi yami ehhovisi likahulumeni.”
U-Amadi’s ubesengafisi lutho wathi: “Ngicela ukuthi siyiqale phansi futhi.” Kodwa uGachagua akalaleli ufuna ukuqhubeka. “Ngokungcono kakhulu kwesinqumo sami.” “Ngiyaxolisa, asiphinde futhi,” kugcizelela yena.
UGachagua uthola umlayezo naphinde baqala futhi kusukela ekuqaleni.
Video source: @EversonLuhanga