Ihlazo i-Italy ikhishwa kweyokuhlungela eyoMhlaba

Dylan Bettencourt

Kube yihlazo ngesikhathi i-Italy yehluleka ukungena emidlanweni yeNdebe yoMhlaba.

I-Italy ayigcinanga nje ngokuhluleka okwesibili kulandelana ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa, kodwa iphinde yalahlekelwa yinhlonipho emphakathini ngokuziphatha ngendlela engafanele ngemuva kokuhlulwa.

I-North Macedonia ishaqise ompetha base-Europe emizuzwini yokugcina yomdlalo nokuholele ekutheni iqembu lase-Italy liphume kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Abase-Italy ngokuqondakalayo bebedumele futhi bethukuthele, kodwa azikho izaba zendlela abashiye ngayo igumbi labo lokushintsha – sengathi ngabafanyana abathukuthele abalindele ukuthi umama azohlanza umonakalo abawenzile.

Ividiyo ikhombisa igumbi lokushintsha elifana nendawo yokulahla imfucumfucu enamaphepha namapulasitiki asakazeke yonke indawo. Imigqomo ichichima nokudla okusele kulahlwe phansi nasemabhentshini.

Ngaphambilini abase-Italy babonakale bewuhlangothi olusezingeni eliphezulu futhi olunothando kodwa lokhu kuziphatha kwabo kukhombise okuphambene kakhulu nalokho.

I-Italy yehlulekile ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-2018 kanti manje ngeke ibonakale e-Qatar ngasekupheleni kwalo nyaka. Noma ingangena kwiNdebe yoMhlaba elandelayo, kuzophela iminyaka engu-12 ingakaze ibonakale kulo mqhudelwano.

I-Italy yagcina ukudlala umdlalo womkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba ngo-2006 lapho eyawina khona lo mqhudelwano.

Kungakhathaleki ukuthi bagcina nini ukubonakala kwiNdebe yoMhlaba noma baphoxeke kangakanani ngemuva kokuhlulwa, asikho isizathu sokungahloniphi abakukhombisile nokudelela isithunzi sabasebenzi benkundla yezemidlalo.

I-Italy yehle kakhulu kusukela ekunqobeni kwayo kwi-Euro 2020 eNgilandi ngonyaka odlule!

Umthombo wesithombe: @Sportbible

Izihloko zakamuva