Ihlazo i-Ghana iphuma ekuseni kwi-Afcon

Dylan Bettencourt

I-Comoros ihlule i-Ghana ngo 3-2 okuholele ekutheni i-The Black Stars ibone efike ngayo kwi-Afcon. 

Kuyaqala ngqa ukuthi i-Ghana iphume esigabeni samaqoqo e-Afcon  kusukela ngonyaka ka-2006 futhi ingadluleli esigabeni somkhumulajezi.

I-Comoros, ehleli  endaweni ka-132 emhlabeni ishaye igoli lokuqala, ngesikhathi kusanemizuzu emine kuqaleumdlalo.

Ukucasuka kubonakale ngesikhathi isihlabani sase-Ghana u-Andre Ayew ekhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukushayisana nonozinti we-Comoros.

Njengoba i-Comoros ibiqhudelana okokuqala ngqa kwi-Afcon, inqobe ngemuva kokuthi u-Ahmed Mogni ashaye igoli ngonyawo lwesokunxele wenza iqembu lakhe lahamba phambili ngo 2-0.

Kodwa uRichmond Boakye unikeze i-Ghana ithemba ngemuva kwemizuzu engu-77 eshaya ibhola ngekhanda laqonda ku-Alexander Dijku walifaka phakathi.

Lo mdlalo uvele washuba kakhulu kwenzeka into obekungamele yenzeke. 

I-Comoros ibuye yashaya elesithathu, okwenze umdlali uMogni ashaye elesibili ebusuku ukuze abuyise ithemba kwi-Ghana. 

Ukunqoba kwabo akuyiqinisekisi i-Comoros ukuthi izongena esigabeni somkhumulajezi kodwa uma iphuma kulo mqhudelwano manje, izobe isezingeni eliphezulu.

Kokunye emdlalweni we-Afcon, i-Malawi idlale ngokulingana ngo 0-0 ibhekene ne-Senegal eyintandokazi kwezemidlalo nokubenze bazithola sebesondele ekuqopheni umlando.

I-Malawi isiqoqe amaphuzu amane, okungenzeka ukuthi anele ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.

I-Senegal idlulele phambili njengabaholi bamaqoqo yize ishaye igoli elilodwa vo emdlalweni wamaqoqo.

Kumele babonge abadlali babo basemuva bengazange bavume ukuthi kungene amagoli emdlalweni yabo emithathu yokuvula. 

I-Zimbabwe inqobe ngo 2-1 kodwa ibe iqembu lokugcina kwiqoqo.

I-Gabon ne-Morocco badlale ngokulingana ngo 2-2 nokwenze amaqembu womabili adlulela esigabeni somkhumulajezi kanti i-Morocco iqede esigabeni samaqoqo ngamaphuzu ayisikhombisa.

Umthombo wesithombe: @Bet365

Izihloko zakamuva