Abagibeli endizeni ye-British Airways bahlangabezane nembibizane ngesikhathi inkampani yezindiza ibanikeza i-KFC ohambweni lwamahora angu-12 besuka e-Caribbean beya e-London.
Kodwa nakhu okumangaza kakhulu ngokudla abakunikwe endizeni.
Ngenxa yephutha elibi lokudla abagibeli abalambile banikezwe iqatha elilodwa lenkukhu ye-KFC umuntu ngamunye.
Kuvele ukuthi izinqola eziphakela indiza azizange zibekwe endaweni efanele ngakho ukudla obekumele kuye endizeni kuphelele emgqonyeni kadoti.
I-British Airways ibingenayo enye inketho ngaphandle kokuthi “ilahle ukudla” iphinde ibheke ezinye izindlela. Njengoba kunezinketho ezilinganiselwe esikhumulweni sezindiza kuye kwakudingeka ukuthi bacabange ngokushesha ukuze banelise labo bagibeli abalambile.
Yilapho abacabange khona ukuthi “kungani singaniki abagibeli i-KFC?” Ngokushesha abasebenzi baye babuya namabhakede enkukhu yakwa-KFC ukuze bahlenge usuku! Umgibeli ngamunye unikezwe iqatha lenkukhu abelikhishwa amabhakede e-KFC abomvu nokumhlophe.
Konke lokhu kuthwetshulwe kwividiyo abagibeli becaphuna u-Oliver Twist ngokuncokola bethu “ngiyacela mnumzane, ngicela okunye?”
Nakhu okunye okuhlekisayo! Ngisho nabantu abasezingeni eliphezulu bathole i-KFC.
Njengesixoliso sokwenzeke endizeni i-British Airways inikeze abagibeli amavawusha ngesikhathi behla endizeni.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: I-KFC