Ihlaya lishiye abafuna umsebenzi bedangele

Moyahabo Mabeba

Bekubonakala kuyimpendulo yemithandazo yabaningi ababefisa ukuthola umsebenzi.

ngesikhathi umbhalo waku-Facebook umema abafuna umsebenzi ukuthi bafake izicelo zomsebenzi emayini.

Umbhalo ubuthi kunemisebenzi ekhona emayini i-Anglo American Platinum esendaweni yase-Mogalakwena e-Limpopo.

Amakhaza nemvula akuzange kuvimbe abathungatha imisebenzi ukuthi batheleke ngamakhulu kule mayini – abanye baneziqu ezifanele, abanye bebezama inhlanhla nje. Abanye bahambe amakhilomitha ukuze bafike emayini kanti abanye bafike ngamaloli ngezikhathi zasekuseni.

Kodwa kuye kwavela ukuthi bekuwumkhonyovu nje – ihlaya elinonya elisungulwe ezinkundleni  zokuxhumana.

UMokgadi ongakaze asebenze empilweni yakhe uthe “ngesikhathi ngibona lesi sikhangiso angizange ngisole lutho”.

“Into yokuqala engiyenzile ukuthola wonke amaphepha afanele ngenza isiqiniseko sokuthi ami ngomumo. Ngihambe imizuzu engu-40 futhi ngafica inqwaba yabantu abafuna umsebenzi abebephithizela befuna indawo esangweni lemayini”.

Kodwa amathemba akhe aye ashabalala ngokushesha.

“Kufike iloli elikhulu nombhobho lizosazisa ukuthi izikhala zomsebenzi azikho. Siphoxeke kakhulu,” esho.

UMabitsela Mogano oneminyaka engu-30, uthe lokhu aqala ngo-2018 ukufuna umsebenzi.

“Angikaze ngibone abantu abaningi ngaleya ndlela bephoxwa into eyodwa. Bekuyisimo esidabukisayo. Abantu bebezidele kakhulu ukuze babe laphaya,” esho.

“Sichithe imali mahhala silungisa amaphepha adingekayo. Ububona ukudumala ebusweni babantu ngoba kukhona umuntu odlala imidlalo ebhedayo ezinkundleni zokuxhumana”.

NgoMsombuluko, inkampani yezimayini ikhiphe isitatimende ixwayisa abafuna umsebenzi ngalo mkhonyovu.

“Amalungu omphakathi ayaxwayiswa ngombhalo womgunyathi oku-Facebook okhomba ukuthi kunamathuba emisebenzi edeskini labasebenzi i-Anglo-American Platinum. Zonke izikhala zomsebenzi e-Anglo American platinum zikhangiswa ku-www.Anglo-American.com kanti ideski labasebenzi liphinde lisetshenziswe ukukhangisa nokwamukela izicelo zamathuba osonkontileka,” kufundeka isitatimende.

“Kusukela namuhla awekho amathuba emisebenzi edeskini le-Anglo-American Platinum labasebenzi.”

Izihloko zakamuva