
Celani Sikhakhane
IHelen Suzman Foundation ishaya amakhala ngokuqokwa kukamehleleli uMandisa Maya njenge nhloko yamaJaji njengoba isabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho.
Le inhlangano ithi i-Judicial Service Commission (JSC) ikhombise ukuchema kanti futhi ifuna inhlolokhono yenziwe kabusha.
Umqondisi omkhulu weHelen Suzman Foundation uNicole Fritz utshele i-Sunday Times ukuthi noma abantu abaningi baseNingizimu Afrika bebefuna kuqokwe owesifazane ozohola iNkantolo YoMthethosisekelo kodwa ukuphathwa kwenhlolokhono kamehluleli uMaya bekungenabo ubulungiswa.
“Abaningi eNingizimu Afrika bakushayela ihlombe ukuqokwa kweJaji lokuqala lowesifazane. Kodwa izincomo zeJaji uMaya ngenxa yenqubo engcolile, engenangqondo, engenabo ubulungiswa azikhombisi neze ukunqoba,” kusho uFritz.
IJaji uMaya nguyena abambone efanele ukuthi athathe izintambo kwiJaji eselathatha umhlalaphansi uMogoeng Mogoeng.
NgoMgqibelo uJulius Malema ubhale ku-twitter wathi uMaya “ungowesifazane” ngakho-ke lokho kube semqoka ekuthatheni lesi sinqumo.
Kuthe ngokuhamba kaesikhathi uDali Mpofu wadalula ukuthi iJaji uMaya ukhethwe ngabaholi.
Ungoti wezomthetho, uMpumelelo Zikalala, uthe kuyacaca ukuthi lolu hlelo belungafanelekile.
UZikalala uthe kuzoba nzima ukuthi inhlangano iwine lolu daba enkantolo ngoba alikho iJaji elingathanda ukwengamela udaba oluzothatha isinqumo ngomphathi wabo.
NgoLwesine uSihlalo weKhomishana ubheke eminye yemibuzo ebiqondiswe kwiJaji uDustin Mlambo, ngesisekelo sokuthi ibingahambisani nenqubo yenhlolokhono.
UMalema noMpofu bathi uMlambo usolwa ngokucela abesifazane ucansi ababefuna ukusebenza njengamaJaji eNkantolo eNkulu yase-Gauteng.
USihlalo weKhomishana uthe leyo mibuzo ayihambisani nezinhlelo zenhlolokhono.