Igxathu elikhulu kuboshwa abayisithupha ophenyweni lokubulawa kukaLuke Fleurs

Sekunenqubekela phambili ecaleni lokubulawa komdlali weKaizer Chiefs wasemuva uLuke Fleurs odutshulwe wafa ngesikhathi izigebengu ziduna imoto yakhe ngeSonto eledlule.

Namhlanje ngoLwesithathu amaphoyisa aseGauteng abophe abesilisa abayisithupha abathinteka kulobu bugebengu.

Lokhu kuboshwa kwenzeke ezintatha zangoLwesithathu eSlovoville, eSoweto, ngokusho kokhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mavela Masondo.

Ngaphandle kwalaba ababoshiwe amaphoyisa akwazile ukuthola imoto kaFleurs kodwa ayithole isihlakaziwe ngoMsombuluko.

Impilo yalo mdlalo (24) ilahleke kabuhlungu esigamekweni sokudunwa kwemoto eHoneydew, eGoli ngesonto eledlule.

IKaizer Chiefs ihlulwe emdlalweni wayo wokuqala ngaphandle kukaFleurs ngempelasonto edlule futhi izophinde idlale neRichards Bay ngomhlaka-21 kuMbasa.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni ngenhla: ULuke Fleurs.

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs/X

Izihloko zakamuva