IGugulethu neNingizimu Afrika zizilela uAnele

UKUFA kuphuce abathandi bebhola base-Ningizimu Afrika elinye lamagugu abo kumdlali wasemuva we-Bafana Bafana uAnele Ngcongca.

Lo mlisa oneminyaka engama-33 ubudala ulahlekelwe yimpilo yakhe ngoMsombuluko ngehora lesihlanu ekuseni engozini yemoto ebuyela eThekwini esuka KwaDlangezwa, eNyakatho yeKwaZulu-Natal.

Lo mdlali wasemuva ubesanda kuvela eThekwini ezodlalela AmaZulu ngemuva kokubolekiswa yi-Mamelodi Sundowns. Ngokusho komuntu ongaphakathi kusuthu, uNgcongca bekufanele abhaliswe ku-Premier Soccer League njengomdlali waMaZulu kule sizini.

“Ngokweqiniso uNgcongca usengumdlali we-Sundowns ngoba besisazombhalisela kwiligi. Ngemuva kokuhlulwa okunzima ezandleni ze-Sundowns izolo (ngeSonto) lo mqeqeshi (u-Ayanda Dlamini) ubefuna abhaliswe ngokushesha kuleli sonto. Ukuzivikela kwethu akunabo abadlali abanesipiliyoni kanti uNgcongca bekufanele avale leso sikhala. Umqeqeshi ubemfuna emdlalweni wethu olandelayo kanti uhlelo bekuwukuqinisekisa ukuthi siyambhalisela kwiligi kuleli sonto,” kusho ongaphakathi oSuthwini ongathandanga ukuthi igama lakhe lishicilelwe.

UNgcongca ushiye ngemuva indodakazi yakhe uSethu eneminyaka eyishumi, ingoduso yakhe uLinda Racaza nomama wakhe. Ngokusho kwelungu lomndeni, ebelifuna ukungadalulwa, le ndoda ingeyaseGugulethu ngokuzalwa ibiyidayimane kumama wayo.

“Babesondelene kakhulu. Wayeyingane kumama wakhe. Ngakho ungacabanga nje ukuthi umama wakhe uzizwa kanjani njengamanje. Akekho umzali ofuna ukungcwaba ingane yakhe kanti nomama kaAnele akahlukile. Uphatheke kabi kakhulu.”

Ilungu lomndeni lingeze ngokuthi:

“UAnele ubengumuntu wabantu. Wonke umuntu ubemthanda lapha (eGugulethu), ubehlala njalo ekhuluma ngokufukula umphakathi ngebhola.”

Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zifike emndenini ekuseni.

Okhulumela i-Sundowns uAlex Shakoane uthe: “Emndenini wakwaNgcongca, aninodwa, nathi silahlekelwe ngumuntu esimthanda kakhulu.”

UNgcongca uqale umsebenzi wakhe webhola edlala ne-Fortune yaseKapa kwi-National First Division emuva kowezi-2003 kuya kowezi-2007. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kowezi-2007, wajoyina iqembu lase-Belgium i-Genk lapho adlala khona imidlalo engama-223 kusuka ngonyaka wezi-2007 kuya kowezi-2016.

Ngemuva kwesikhathi sakhe eside e-Genk wabe esejoyina iqembu lase-France i-Troyes ebolekiswe yi-Genk. Kamuva kowezi-2016, wathatha isinqumo sokubuyela ekhaya, wajoyina i-Sundowns.

Izihloko zakamuva