Igubuzelwe ifu elimnyama i-BSA

Linda Ximba

Inhlangano eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika (BSA) ikuqinisekisile ukushona kukaSimiso Buthelezi ngenxa yokopha ebuchosheni ngoLwesithathu ntambama.

UButhelezi ubebanga ibhande le-WBF lightweight elingaphethwe muntu noSiphesihle Mntungwa. Kodwa esigamekweni esixakile emzuliswaneni wokugcina uButhelezi uphenduke waqala washaya amanqindi emoyeni. Kuphoqe ukuthi kungenelele unompempe wawumisa umdlalo ngaso leso sikhathi.

Phezu kwemizamo yesibhedlela saseThekwini lo mshayisibhakela ngeshwa ugcine edlulile emhlabeni.

“Kubuhlungu okwenzeke kwinhlangano emele iNingizimu Afrika kanye nomndeni wakwaButhelezi ukumemezela ukudlula emhlabeni kukaMnu uSimiso Buthelezi oshone ngoLwesibili ebusuku mhla ziyisikhombisa kuNhlangulana esibhedlela eThekwini,” kufundeka isitatimende se-BSA.

Inhlangano eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika ithe lo mshayisibhakela wophele ngaphakathi okuholele ekushoneni kwakhe.

“Sekuzophela impi yakhe uMnu Buthelezi uvele waquleka waphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi ulimele ebuchosheni okuholele ekutheni ophele ngaphakathi.

“Esibhedlela uMnu Buthelezi ubenakekelwa kakhulu, kodwa kugcine kumenele,” kufundeka isitatimende.

UDokotela uBuyi Mabaso ongudokotela osiza abadlali eringini utshele i-Scrolla.Africa ngesikhathi egcina ukubheka uButhelezi esibhedlela i-King Edward uthe  umgcine elalisiwe kulandela ukushayeka kabuhlungu ebuchosheni.

Uphromotha we-Starline uZandile Malinga obebambe le mpi uthe kusanzima kulandela lesi sigameko.

“Angikwazanga ngisho nokudla ngemuva kokubona uSiphesihle  esesibhedlela. Ngicela wonke umuntu amkhulekele,” kusho uMalinga ngaphambi kwezindaba zokushona kukaButhelezi.

Umqeqeshi kaButhelezi uSkeleton Mngomezulu uthe ngaphambi kwempi lo mshayisibhakela ubesanda kwethweswa iziqu ze-Botany and Zoology eNyuvesi yase-Ongoye.

“Ubejabulile ngaphambi kwempi,” kusho uMngomezulu.

Umthombo wesithombe: @NewYorkPost

Izihloko zakamuva