IGoli nomphathi omusha wezimo eziphuthumayo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

U-Andries Mucavele oqokwe njengesikhulu esisha se-Johannesburg Emergency Management Services (EMS) ngoLwesine unolwazi olungaphezulu kweminyaka engamashumi amabil kulo msebenzii. 

UMucavele wamukelwe endimeni yakhe entsha ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuPhepha koMphakathi uDkt Mgcini Tshwaku, ubuholi obuphezulu bomnyango wezokuphepha komphakathi kanye nesikhulu sikamasipala emcimbini obusemahhovisi akwa-EMS e-Florida Fire Station.

Uthe okuzohamba phambili kuyena ukusiza uMnyango wezokuPhepha koMphakathi ukuthi ubhekane nezimo eziphuthumayo zezempilo nezomlilo. 

Umsebenzi wakhe uphinde uhlanganise ukusimamisa i-EMS ngokwenza isiqiniseko sokuthi izikhundla ezibalulekile zinezinsiza-kusebenza.

UMucavele uzosebenza ngokushesha ukuze athole ilayisensi yokuthi idolobha liziqhubele ngokwalo izinsiza zezempilo eziphuthumayo kanye nezithuthi zeziguli. 

Uzophinde aqinisekise ukuthi “kusetshenziswa indlela esheshayo kwa-EMS aphinde andise isibalo sabahloli ukuze kugcinwe imithetho kamasipala.

“Sizophinde siqinisekise ukuthi bonke abasebenzi abaphambili bahlome ngamathuluzi afanele ohwebo” nokuthi “abezicishamlilo bayakhuthazeka, banamakhono aphezulu futhi bathola ukwesekwa okudingekayo ngokomzwelo.”

UDkt Tshwaku utshele uMucavele ukuthi: “Sikweseka ngokugcwele njengehhovisi lezepolitiki, kanye nokuzinikela okungaguquki kwethimba lakho, nokwethenjwa imiphakathi esiyisebenzelayo.

“Simi nawe, sikulungele ukukusiza, ukubambisana kanye nokusungula izinto ezintsha ukuze siqinisekise ukuthi imisebenzi yezimo eziphuthumayo iqhutshwa ngokusemandleni ayo,” kusho uTshwaku.

UMucavele onesipiliyoni seminyaka engu-23 kwa-EMS eGoli, waqala umsebenzi wakhe kowezicishamlilo futhi wasebenza kahle wakhuphukela ezingeni eliphezulu.

Esithombeni esingenhla: Isikhulu esisha sakwa-EMS eGoli, u-Andries Mucavele uqokwe kulesi sikhundla ngoLwesine.

Umthombo wesithombe: EMS

Izihloko zakamuva