Lubhalwe nguDylan Bettencourt
IGoli likleliswe njengedolobha elibiza kakhulu uma uthenga ukudla izinyanga eziyisithupha zilandelana, njengoba ubhasikidi ojwayelekile manje usubiza u-R5,671.73.
ITheku liwumasipala oshibhe kunawo wonke, kodwa amanani eGoli naseKapa akhuphukile, njengoba izindleko zenyama zinyusa izindleko zasekhaya ezweni lonke.
IGoli seliphenduke idolobha elibiza kakhulu eNingizimu Afrika ukuthenga ukudla – futh selibambe leyo ndawo izinyanga eziyisithupha zilandelana.
Umbiko wakamuva weqembu lase-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity ukhombisa isilinganiso sikabhasikidi wokudla waseGoli esibiza u-R5,671.73 ngoMfumfu ka-2025. Lokho kungu-R231 ngaphezu kwesilinganiso sikazwelonke esingu-R5,440.60 kanye no-R184.86 ngaphezu konyaka odlule.
ITheku sekuyilona dolobha elishibhe kunawo wonke uma kuthengwa ukudla, okuphusha iKapa endaweni yesibili. Kodwa womabili amadolobha asabiza kakhulu kunangonyaka odlule, kanti ubhasikidi waseThekwini ungu-R5,341.95 kanti owaseKapa ungu-R5,372.28.
Ezintweni ezingu-44 ezibhekiwe, ezingu-28 zenyuke kakhulu, kanti eziyisikhombisa zibonisae ukwehla kwamandla emali( double-digit inflation). Inyama inyuke kakhulu njengoba kunenyama yenkomo, eyengulube, eyewundlu neyenkukhu ebiza kakhulu. Intengo yenyama yenkomo inyuke ngo-11.7%, okuyizinga eliphezulu kakhulu kusukela ngo-2018, ikakhulukazi ngenxa yesifo samatela.
Kukhona okuzojabulisa abathengi: ubisi, amaqanda nerayisi elimhlophe kwehle kancane, ubisi olugcwele ukhilimu lwehle ngo-2.1%. Kodwa abaphuza ikhofi amanani akhuphuke ngo-12.2%.
Esithombeni esingenhla: Amanani okudla eGoli asenyuke kakhulu.
Umthombo wesithombe: UPexels
