Igodukile iJapan ngemuva kokushaywa iCroatia

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Amaphenalthi amathathu avinjwe uDominik Livakovic aholele ekutheni kuwine i-Croatia eyaqeda endaweni yesibili ngo-2018 njengoba i-Japan iphinde yahlulwa kowomkhumalajezi.

Ukuhlula i-Germany ne-Spain okubafake kweyomkhumulajezi akungabazeki ukuthi kunikeze i-Japan ithemba elikhulu ngesikhathi iya kulo mdlalo.

Lokho kube isiqalo esihle enkundleni, njengoba uDaizen Maeda we-Celtic eshaye igoli elenze ukuthi iqembu lakhe lizihole phambili esiwombeni sokuqala.

Iqembu lase-Croatia liye lalinganisa ngomzuzu weshumi kuqale isiwombe sesibili ngegoli elihle lika-Ivan Perisic ngebhola alinikwe uDejan Lovren.

Ngesikhathi umdlalo uqhubeka amathuba aye ancipha ezinhlangothini zombili; futhi naphezu kokuthi i-Croatia ibiphethe ibhola kube nesikhathi esengeziwe kanye namaphenalthi okokuqala ngqa kwiNdebe yoMhlaba yakulo nyaka.

Iphethini yemiqhudelwano eyisithupha edlule ewinwe iqembu le-Japan  iqhubekile ngesikhathi uTakumi Minamino ekhahlela kuqala kodwa ngebhadi iphenathi yakhe iye yavinjwa uLivakovic.

Unozinti we-Dinamo Zagreb uvimbe amanye amaphenathi amabili ukuze ahlenge i-Croatia, esidlale imidlalo eyisikhombisa kweyisishiyagalombili yokugcina yeNdebe yoMhlaba.

UNikola Vlasic, uMarcelo Brozovic kanye no-Mario Pasalic bashayele i-Croatia amaphenathi bawafaka onke enethini amagoli ngesikhathi uTakuma Asano obeshayela i-Japan iphenathi kuba nguyena kuphela olifake phakathi eqenjini lakhe.

I-Croatia izobhekana ne-Brazil noma i-South Korea kuma-quarter-final.

Esithombeni esingenhla: UDominik Livakovic

Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup

Izihloko zakamuva