Igijimise amaphoyisa inyoni ebiyeqile

Ngemuva kokweqa endaweni okubiyelwe kuyo, isilwane esifuywayo (emu) esibizwa ngokuthi u-MeeMoo sigijimise amaphoyisa ase-Tennessee eMelika efunana naso. 

U-MeeMoo ushiye umlingani wakhe, u-MeeMee namaqanda abo azochanyuselwa maduze. Kubonakala sengathi ukuba ubaba ubengakulindele njengoba echithe usuku ebalekela umlingani wakhe.

Umnikazi ofuye ama-emu, uHarry McKinney utshele abe-ABC News ukuthi le nyoni yeqe uthango olungamamitha angu-2.1 yagijima yanqamula komakhelwane.

Izakhamuzi zibone u-MeeMoo zabiza amaphoyisa, abe eseqala ukulandela le nyoni. Le nyoni ikwazi ukugijima amakhilomitha angu-80 ngehora.

Izakhamuzi endaweni zithwebule amaphoyisa ejaha u-MeeMoo emgwaqeni onguthelawayeka wendawo.

Amaphoyisa agcine ekwazile ukumthola uMeeMoo noMcKinney ukwazile ukumxenxa ukuthi abuyele emuva.

UMcKinney uthe ukusesha kuthathe amahora ayisikhombisa, kodwa ekugcineni uMeeMoo akakwazanga ukuvuma ukuthi izingane zakhe ezingakazalwa zikhule ngaphandle kukababa ube esevuma ukugoduka.

UMcKinney akachithanga sikhathi uqinise uthango lwakhe ukuze aqinisekise ukuthi u-MeeMoo ngeke aphinde abaleke.

Kodwa uMeeMoo uphinde wabaleka futhi nokho kulokhu ubuyile ngemuva kwehora kuphela.

Ingcindezi yokuba ngubaba ingabamba wonke umuntu!

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: I-emu

Izihloko zakamuva