IGift of the Givers ihlinzeka ngosizo kwabakhahlemezwe izikhukhula

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Njengoba kuqhubeka izinhlelo zokukhuculula e-Western Cape ngemuva kwemvula ene izinsuku ezinhlanu ehlasele isifundazwe, isibalo sabashonile sesinyuke safinyelela kwababili.

Lesi sifundazwe sihlaselwe imvula enamandla kusukela ngoLwesibili nokuyinto eshiye abaningi bengenamakhaya.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe isidumbu esingaziwa sitholwe ngoMgqibelo ekuseni emfuleni i-Buffelsjags, e-Overberg.

“Singakuqinisekisa ukuthi abatshuzi bakwa-SAPS bathole isidumbu namhlanje ekuseni (ngoMgqibelo).

“Abazimo eziphuthumayo baqinisekise ukuthi isisulu esingaziwa sishonile endaweni yesigameko,” kusho uSwartbooi.

Isisulu sesibili ngowesilisa (64) ngokusho kwabakwa-Disaster Management esifundazweni futhi kuthiwa ushonele emzini wakhe ngenxa yezikhukhula.

Ngokubika kwe-News24 idamu elingasesiteshini sesitimela sase-Philippi nalo belichichima nokuyinto edale ukuthi kukhukhuleke emijondolo yase-Down Town.

UMnyango wezemigwaqo namanzi ezikhukhula usize ekuchezukiseni amanzi waphinde wathatha izinyathelo zokunciphisa ubungozi bezikhukhula esiteshini sakwa-Eskom e-Somerset West.

Izinsizakalo zokulawulwa kwemigwaqo nengqalasizinda zivale yonke imigodi ebamba amanzi ukuze amanzi ahambe kuleyo ndawo uma kwenzeka kune imvula eningi.

Izihlahla eziningi zisusiwe edolobheni lonke ngesikhathi kunokunqamuka kukagesi okuhlobene nesimo sezulu kwezinye izindawo.

Ngenxa yokonakala kwemigwaqo nengqalasizinda, abezinhlekelele e-Western Cape kudingeke ukuthi bacele umbutho wezokuvikela kazwelonke wakuleli (i-SANDF) ukuthi ulethe usizo ngendiza enophephela emhlane e-Citrusdal ehlaselwe izikhukhula.

Kodwa-ke, ngenxa yomoya onamandla nemvula enamandla eqhubekayo izindiza ezinophephela emhlane azikwazanga ukusuka.

Ntambama inhlangano esiza abantu i-Gift of the Givers ikwazile ukufaka 

amaloli ayo amakhulu amabili emgwaqeni oya endaweni yase-Citrusdal nase-Vredendal ukuze isize izisulu zezikhukhula.

“Sekuphele izinsuku abantu balapha bengalutholi usizo olufanele kanye nokudla. Bebeludinga kakhulu usizo ngakho kudingeke ukuthi sithathe zonke izinyathelo zokuphepha ukuze sihambise usizo kubantu,” kusho okhulumela i-Gift of the Givers u-Ali Sablay.

Esithombeni esingenhla: I-Gift of the Givers inikeza izisulu zezikhukhula usizo e-Citrusdal

Umthombo wesithombe: Facebook/Gift of the Givers

Izihloko zakamuva