
I-Thailand inetshe lesikhumbuzo elisha eselidonse amehlo abantu.
Isithombe esibaziwe esingamamitha amane ubude, esenziwe isistela lama-Buddha uNaowaratkotchaporn Simethawong ebizwa ngokuthi “uMother Brahmin”, sesiphenduke indawo yokukhuleka esifundazweni sase-Nakhon Ratchasima.
Kumele uzilungiselele ukumangala njengoba uma ungena endaweni engcwele, izitho zangasese zowesifazane ziyisithombe segolide esibaziwe.
Lesi sithombe esibaziwe sihlotshiswe ngemikhuleko eqoshiwe futhi sizungezwe izitho zangasese ezincane eziyisishiyagalombili kanti lokhu kudale isiphithiphithi emphakathini.
Awugcini ngokubuka ubuciko kuphela. Abantu bendawo bathutheleka bezofuna ukuzibonala isithombe esibaziwe, bethandazela inhlanhla, inzalo, ubuhle obukhazimulayo kanye nezothando. Bakholelwa ukuthi le yindawo lapho amaphupho abo egcwaliseka khona.
Kodwa akukhona okokuqala ukuthi izingxenye zabesifazane zithathe indawo enkulu emhlabeni.
I-Europe kudala yayine-Sheela Na Gigs, imifanekiso yasendulo yabesifazane abangagqokile ehlobise emasontweni nezinqaba. Kodwa-ke, lesi sithombe esibaziwe sase-Thailand siveza iqiniso.
Abazinikele baze bahamba ibanga elide ngokumisa isithombe somfanekiso wenduku eyakhiwe ngegolide ukuze kuhambisane, baqinisekisa okungokomoya. Lokhu kususe umsindo kangangokuthi izikhulu zendawo zihlulekile ukungakunaki lokhu.
Muva nje isikhulu somkhandlu uKanatchon Sijaroen, ephelezelwa izisebenzi zakhe namaphoyisa ambalwa, bavakashele le ndawo. Bebezokwenzani? Noma bebezohlola lesi sipho esihle kakhulu samandla wesifazane.
Ngokujabulisayo ngemuva kokuqinisekisa ukuthi yonke into ihambisana nomthetho bavumelane nokubekwa kwalesi sithombe esibaziwe, kodwa ngombandela owodwa lezi zithombe kudingeka zisuswe eduze kwesithombe esibaziwe sama-Buddha ukuze kugwenywe noma iyiphi inkomba yokungahloniphi.
Ithikithi lokungena ukuze uzobuka lesi sithombe esibaziwe lingu-500 okungu-R270.
Abantu basuka ezindaweni ezikude ukuzobamba iqhaza emicimbini ekhethekile nemikhuleko, befuna amakhambi amashwa, ikakhulukazi labo besifazane abadlule ekuhushuleni izisu.
Umama uBrahmin, ungqondongqondo wobuciko ngemuva kwalo mbukiso uphawulile.
“Kufanele sihloniphe izitho zangasese ngoba zimele imvelaphi yempilo emhlabeni.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Isithombe esingenhla: Isifanekiso sesitho sangasese esakhiwe ngegolide
Umthombo wesithombe: I-Twitter