Igidigidi ngendawo yamafilimu eyakhiwe emjondolo

Dylan Bettencourt

Ukuze asuse izingane zaselokishini langakubo emgwaqeni, uBuhle Sithole wakhe indawo yokubukela amafilimu emjondolo.

Ngaphakathi emjondolo uBuhle usefake iprojektha kanye nezihlalo kanti lokhu kwenza izingane zikulangazelele ukufuna ukuyobukela amafilimu. 

I-Khayelitsha, ilokishi elingaphandle kwedolobha laseKapa, sekunesikhathi eside ihlushwa inhlupheko edlulele njengoba iningi lezakhamuzi lihlala emijondolo eminyene engenawo ugesi noma amanzi ahambayo.

Futhi izingane eziningi ezihlala lapho azikwazi ukuya esikoleni usuku nosuku okusho ukuthi zichitha izinsuku zazo eziningi emigwaqeni. Lokhu kubenza babe sengozini enkulu yokuba izisulu zobugebengu noma benze ubugebengu ngokwabo.

Samsung Galaxy 14G

Le ndawo yokubuka amafilimu imele okungaphezulu nje kwendawo yokubuka amafilimu; iba indawo yokuthi izingane zihlangane ndawonye ziyobukela amafilimu ezingakaze ziwabuke ngaphambilini.

Izingane eziningi azikaze ziyibone ifilimu, kodwa uBuhle uzinike ithemba lokuthi nabo bangakwazi ukwenza njengasemadolobheni.

Indawo yokubuka amafilimu emjondolo ayizixazululi nakancane izinkinga zase-Khayelitsha kodwa ibeka ukumamatheka ezinganeni ezingenakho okuningi ezingamamatheka ngakho.

Ubuhlakani bukaBuhle nokuphana kwakhe kuzokwazi ukujabulisa izingane eminyakeni eminingi ezayo futhi ibe  indawo ephephile yezingane zaselokishini.

Umthombo wesithombe: @AdvoBarryRoux 

Scrolla World Cup Quiz