Igidigidi nge-Big Brother Mzansi

Sizwe Sibiya

Yize abantu abaningi bejabule ngokubuya kwe-Big Brother Mzansi, abanye abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bacabanga ukuthi imithetho yalolu hlelo lwangempela iphula usiko lwama-Afrika.

Ingxoxo efake abezinkundla zokuxhumana empikiswaneni yaqala ngesikhathi  kuvela amavidiyo ohlelo oludlala njalo 24/7  elibizwa “ngehora lokugeza”.

Kusuke kuvela indawo lapho bonke abakuloluhlelo abesifazane nabesilisa begezela khona endaweni eyodwa. Lokhu kwenzeka njalo ngehora leshumi.

Akuwona wonke umuntu ogunyaza lokhu okwenzekayo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngeke niyibone i-Big Brother Naija yenza lokhu. Pho kwenzakalani ngalelizwe?” kubhalwe ku-Twitter.

Abanye ababukeli baluvikele lolu hlelo oseludle umhlanganiso ohlwini oluhamba phambili nsuku zonke kusukela lwaqalwa ngeSonto eledlule.

Omunye ubhale ukuthi: “Ngokudlule kwi-Big Brother uMandla noLexi babenza ucansi bukhoma kumabonakude. Uma ungalithandi ihora lokugeza cisha umabonakude wakho noma ushintshe uvule kwenye indawo,  ngoba kusho ukuthi usumdala kakhulu.”

“Laba abakuloluhlelo bayazi ukuthi babhalisele ini. Futhi aniphoqwa ukuthi nibukele, namathelani ku-198

#BBMzansi #BigBrotherMzansi,” kukhala uBusisiwe ku-twitter.

Umthombo wesithombe: BBMzansi

Izihloko zakamuva