IGcokama Elisha livala uKhongolose ekudlaleni ingoma iParis

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umculi kaMaskandi uMthandeni Manqele odume ngeleGcokama Elisha uthi uKhongolose awuhlukane nokudlala ingoma yakhe i-Paris ngoba awumqashi.

UManqele ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabalandeli be-EFF emcimbini obuseThekwini wokulungiselela umkhankaso ozoba se-Moses Mabhida.

Uthe uKhongolose uma uke waqhubeka wadlala ingoma yakhe uzowubopha.

“Phansi ngoBheki Mtolo Phansi!, ngithi i-ANC ayihlukane nokudlala ingoma yami ethi-Paris ngoba vele ayikaze ingiqashe. Ngithi uma nje beqhubeka ngizobafaka enkantolo,” kusho uManqele esteji.

Okhulumela uKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele uthe akukho abakwaziyo.

“Ngiyasho nje ukuthi asiyazi lento eshiwo uManqele. Usufuna sithini?,” kusho uMndebele.

UManqele unengoma eshisa izikhotha neyasusa umsindo ngesikhathi abalandeli bakhe bekhalaza ngokuthi bekumele ihlukanise unyaka oKhozini FM kodwa kwaba ekaKhuzani Mpungose.

Kusukela lapho uManqele ungene ezinkundleni zokuxhumana esola izikhulu zomasipala KwaZulu-Natal ukuthi zifuna ucansi kubaculi uma befuna ukuxhaswa emicimbini yabo noma becela ukuqashwa.

Wathi indawo abayithanda kakhulu iseMhlanga lapho abakubiza sebekutshela ukuthi uzobafica kuliphi igumbi.

Izihloko zakamuva