Kamogelo Muvhenzhe
Uyishintsha kanjani imiqondo yabantu abanqaba ukugomela i-Covid-19 ngoba bethi kuphikisana nenkolo?
Batshele ukuthi igazi likaJesu ngeke libasindise!
Lokhu yikho kanye okwenziwa ibandla le-Central Methodist Mission eKapa.
Baphakamise isibhengezo esiphuzi egqumeni lesonto labo e-Greenmarket Square, bekhuthaza abantu ukuthi bagome.
Isibhengezo esipendwe ngesandla sithi “Igazi likaJesu ngeke likusindise ku-Covid. Goma. Vikela abasebenzi bethu bezempilo”.
Umfundisi webandla u-Alan Storey utshele i-News24 ukuthi kunabantu abakhuthaza umcabango ongamanga wokuthi “abantu abakholelwe kuNkulunkulu noma bakholelwe emithini yokugoma”.
“Basebenzisa igunya labo lenkolo ukuze badukise abantu ukuba babeke ukholo lwabo ’emandleni kaNkulunkulu’, esikhundleni sendlela yokulapha engcono kakhulu. Kuwuphawu lobuwula, hhayi uphawu lokuthembeka”.
Ngonyaka odlule ngesikhathi ehola umkhuleko esibhedlela sase-Tembisa, owayeyiNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng wathandazela ukuthi uNkulunkulu abhubhise noma yimuphi umgomo owawunalokho akubiza ngokuthi i“666”, amaKristu akholelwa ukuthi uphawu lukasathane.
Lesi sitatimende simfake enkingeni nenhlangano elwela amalungelo ezempilo i-African Alliance eyafaka isikhalazo mayelana naye kuKhomishini yeMisebenzi yeZobulungiswa.