Igazi eligonyelwe i-Covid-19 livimba ukuhlinzwa kwengane

Abazali base-New Zealand benqaba ukuhlinzwa okuzosindisa impilo yengane yabo ngoba kufaka phakathi ukuthi ifakelwe igazi eligonyelwe i-Covid-19 emzimbeni wayo.

Abezempilo base-New Zealand bafake ngokusemthethweni isicelo senkantolo mayelana nelungelo lokugadwa kwengane enezinyanga ezine ubudala. Lokhu kuvele ngemuva kokuthi abazali benqabe ukuvumela ukuhlinzwa kwenhliziyo okuzosindisa impilo yayo ukuthi kuqhubeke ngaphandle uma igazi elizosetshenziswa lingagonyelwe i-Covid-19.

Abazali bazwakalise ukukhathazeka nokwesaba kwabo ngesimo sempilo yendodana yabo kanye nezinketho zabo zokwelashwa engxoxweni nenhlangano elwa nokugoma, kubika i-The Guardian.

Engxoxweni abazali baveze ukuthi indodana yabo ine-pulmonary valve stenosis futhi idinga ukuhlinzwa ngokushesha, kodwa bathi bakhathazekile ngenxa yohlobo lwegazi engase lisetshenziswe kuyo.

Ngokwenhlangano yegazi i-NZ Blood, noma yimuphi umuthi wokugomela i-Covid-19 osegazini uphela ngokushesha ngemuva kokugonywa.

“Lonke igazi okunikelwa ngalo liyahlungwa ngesikhathi sokucutshungulwa, ngakho-ke noma yimaphi amanani egazi okungenzeka ukuthi akhona awabeki ubungozi kubamukeli,” esho.

Esitatimendeni uDkt Mike Shepherd kanye nomqondisi wesikhashana wezempilo e-Auckland, uTe Whatu Ora uthe uyazi ukuthi kungaba nengcindezi uma abazali abanengane egulayo bephoqeleka ukuthi benze isinqumo esisheshayo mayelana nokunakekelwa kwengane.

UTe Whatu Ora ufake amaphepha enkantolo ephakeme yase-Auckland ngoMsombuluko ngaphansi koMthetho Wokunakekela Izingane. Bacela ukuthi ilungelo lokunakekelwa kwengane lisuswe kubazali bayo ukuze bathole imvume yokusebenzisa igazi elinikelwe kuyo.

UShepherd uthe isinqumo sokufaka isicelo enkantolo sithathwe kucatshangelwa ikusasa lengane, kulandela izingxoxo eziningi nabathintekayo.

NgoLwesithathu izinhlangothi zombili zivele enkantolo zizobeka usuku okuzolalelwa ngalo udaba oluphuthumayo.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: Usana olulele esibhedlela

Umthombo wesithombe: MyStateline

Izihloko zakamuva