IGauteng isilungele izivivinyo zikaMatikuletsheni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UMnyango wezeMfundo waseGauteng uzilungiselele ngokugcwele izivivinyo ze-National Senior Certificate (NSC) zika-2024.

Abafundi abangu-189,693 esifundazweni bazoqala ukubhala izivivinyo zabo zebanga leshumi ngoMsombuluko ngomhlaka-21 kuMfumfu, kanti iphepha lokugcina lihlelelwe umhlaka-28 kuLwezi ka-2024. Abangu-136,051 abafundi ngokugcwele, kanti abangu-53 642 abangekho ezikoleni noma abaphindayo.

Lokhu kukhomba ukwehla kancane ngo-0.78% uma kuqhathaniswa nesibalo sabafundi ababhala izivivinyo ngo-2023.

Esithangamini sabezindaba uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMatome Chiloane ukuqinisekisile ukuthi umnyango ugxile ekuqhubeni lezi zivivinyo ngokwethembeka, ngobuqotho, nangekhono, uqinisekisa ukuthi azikho izinkinga ezikhona.

Uphinde wagqamisa ukuthuthuka kokusebenza kwabafundi ngo-2024 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.

“Abafundi bango-2023 baphumelela ngo-85.4%, okwenze isifundazwe saba esesithathu ngokwenza kahle kakhulu. Uma siqhathanisa ukusebenza kwekilasi lango-2024, sisendleleni yokuqhubeka nalo mkhuba wokukhuphuka,” kusho uChiloane. Ubalule ukuthi leli iqembu, abafundi abaqale ukufunda ngo-2013.

Ukukhuthaza ukuzibophezela, bonke abafundi bazosayina isithembiso ngaphambi kwezivivinyo, bazibophezele ukulandela Ikhodi Yokuziphatha Yokuhlolwa ye-NSC.

Kunezinyathelo eziqinile zokuphepha ezikhona ukuvimbela noma yikuphi ukuputshuka kwamaphepha ezivivinyo. Abahlinzeki bezinsizakalo baqashwe ukuze basekele ezokuphepha ezifundeni, okuhlanganisa ama-armed escorts, i-response units, nokuqapha ama-CCTV kuso sonke isikhathi sokuhlolwa.

UChiloane uphinde wanxusa abazali nomphakathi ukuthi bagweme noma yikuphi ukuphazamiseka okungase kube nomthelela ezifundweni zabafundi noma ukufinyelela ezikhungweni zokuhlolwa.

Uxwayise ngokuthi abafundi abadala ukuphazamiseka bazokhishwa ezivivinyweni, kuthi labo abaziphatha ngokungathembeki imiphumela yabo yesulwe futhi bangase bavinjelwe ukubhala izivivinyo ezizayo kuye ngokuthi kuyinkinga kanjani abakwenzile.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMatome Chiloane.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva