IGauteng isilungele isiphithiphithi sePhasika  

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Uhulumeni wase-Gauteng wethule izinhlelo zakhe ezikhombisa ukuthi uwalindele amaholide ePhasika azayo njengoba leli kuzobe kuyiphasika lokuqala  ngaphandle kwemikhawulo ye-Covid-19.

Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi kwethulwa izimoto ezingu-225 eMamelodi, ezizotshalwa ezifundazweni ezinhlanu zase-Gauteng.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uNomantu Nkomo-Ralehoko obehambisana noNdunankulu uPanyaza Lesufi uthe lezi zimoto zihlanganisa ubuchwepheshe besimanje nemishini yezokwelapha.

Izimoto ezintsha zathengwa ngonyaka ka-2022/2023 ukuze kuqinisekiswe ukusabela kwizimo eziphuthumayo. 

UNkomo-Ralehoko uthe lezi zimoto ezengeziwe zizosiza ukuthuthukisa nokubhekelela isiphithiphithi sePhasika, njengoba iziphathimandla zilindele ukuthi kube nokugcwala kwezimoto ezindaweni ezahlukene zezwe esifundazweni.

Nokho uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungabalimazi abasebenzi bezempilo bezimo eziphuthumayo. Sekunesihlava sokuhlaselwa kodokotela uma bebizwe kwisimo esiphuthumayo.

“Laba abasebenzi abazosiza umphakathi futhi ngiyaninxusa ukuthi ningabalimazi. Bakhona ukuzonisiza ukuze niphile kahle nonke. Kubi kangangoba ebusuku laba basebenzi bayasaba ukuya ezimweni eziphuthumayo uma bebiziwe.”.

ULesufi unxuse izakhamuzi ukuthi ziziphathe kahle emigwaqeni ngempelasonto yePhasika.

“Akekho umuntu okufanele alinde i-ambulensi isikhathi eside. Njengoba kuyimpelasonto yePhasika, sicela ukuthi abantu baziphathe kahle emgwaqeni kodwa uma kwenzeka izingozi sizosabela ngokushesha ngalezi zimoto eziphuthumayo zikanokusho.” 

Umcimbi uvele washintsja ngesikhathi ithimba labasebenzi bezempilo be-Covid-19 ligasela etendeni libhikisha.

Leli thimba okubikwa ukuthi izinkontileka zalo ziphele ngeledlule lifuna ukuqashwa ngokugcwele. UNgqongqoshe kanye noNdunankulu babe nomhlangano neqembu esiteshini sezicishamlilo saseMamelodi.

Esithombeni esingenhla: uNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi kanye noNgqongqoshe Wezempilo, uNomantu Nkomo-Ralehoko ethula umkhankaso wase-Gauteng wokulungela iPhasika eMamelodi

Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva