Lungani Zungu
UDuduzane Zuma ufuna isikhundla sikaSihlalo we-ANC kusigceme se-11 e-Newlands East eThekwini, kodwa akakhankasi ngokwanele – futhi amalungu egatsha athukuthele agane unwabu.
Amalungu egatsha atshele i-Scrollla.Africa ukuthi uDuduzane kufanele akhohlwe ngokuwina isikhundla sikasihlalo wegatsha.
“Siyazi ukuthi ubese-Dubai kwaze kwaba yimpelasonto edlule ngesikhathi sikhankasela ukhetho kakhulu. Wonke amalungu egatsha lethu amdinelwe,” kusho uSimo Sithebe.
NgoNcwaba, izifiso zikaDuduzane zokuba nguSihlalo wegatsha zaqala kabi ngemuva kokubhuntsha komhlangano ngenkathi amalungu egatsha engafiki emhlanganweni wokukhetha abaholi abasha.
UDuduzane uncintisana noMdu Nkomo – osekubukeka sengathi uzodla umhlanganiso kulo mjaho njengoba amalungu egatsha eshaye ingwijikhwebu yokumseka esikhundleni sikaDuduzane.
Ukhetho olusha lwamagatsha kulindeleke ukuthi lwenzeke emasontweni amabili ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngesonto elizayo.
Elinye ilungu legatsha uThabo uthe akekho ofuna ukuthi uDuduzane abe ngusihlalo olandelayo wegatsha.
“Ngicabanga ukuthi uzimbele umgodi ngokungabonakali ngesikhathi somkhankaso,” esho.
“Uyavilapha ukukhankasela i-ANC, kodwa ufuna ukuba nguSihlalo wegatsha lethu. Ayikho indlela yokuthi amalungu egatsha azovotela umuntu ongayikhankaseli i-ANC”.
UDuduzane, osondelene kakhulu nomndeni wakwaGupta osususe umsindo, umangaze abaningi ngesikhathi ememezela izifiso zakhe zobuholi ngaphakathi ku-ANC futhi nokuphatha izwe imbala.
Ngaphambi kwalokho, ubengumuntu ongaziwa emndenini omkhulu wakwaZuma kwaze kwaba yilapho ubudlelwano bakhe nabakwaGupta bumkhiphela esidlangalaleni.
I-ANC ikhankasa ngokuqinile ukuthi igcine lesi sigceme sase-Newlands East njengoba amaqembu afana ne-DA ehlasela.
UDuduzane akatholakalanga ukuba aphawule njengoba ucingo lwakhe belungena ku-voicemail.