Igama lowinile ku-Ballon d’Or aliputshuzwanga emaqenjini 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umhleli omkhulu we-France Football, uVincent Garcia, usechazile ukuthi ukunqoba kowe-Manchester City uRodri kwi-Ballon d’Or bekungaziwa ngaphambi komcimbi nokuthi i-Real Madrid ibingalazi igama lowinile ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuduba umcimbi.

Umagazini wezemidlalo uhlela imiklomelo yaminyaka yonke ye-Ballon d’Or.

Owe-Real Madrid, uVinicius Junior, ubethathwa njengoyintandokazi ukuwina umklomelo ohlonishwa kakhulu ebholeni.

Emahoreni ambalwa ngaphambi komcimbi e-Paris, kwavela imibiko yokuthi lesi sihlabani sase-Brazil asizange siwunqobe umklomelo, futhi, ithimba le-Los Blancos elithukuthele ngeke liyihambe le imiklomelo.

Isonto lalezi zinkunzi zase-Spain liye laba libi ngoMgqibelo ngesikhathi zihlulwa ngamagoli amane eqandeni ekhaya yizimbangi zazo i-Barcelona.

Echaza ngalo mdlalo uGarcia uqinisekise abalandeli bebhola ukuthi igama laloyo owinile alizange liputshuzwe emaqenjini nokuthi ukuthula kwakhe kungenzeka kwenze i-Real Madrid yakholwa wukuthi lo mdlali wase-Brazil angeke anqobe.

“Ngingaqinisekisa ukuthi akekho owe-Manchester City noma i-Real Madrid obazi, mhlawumbe bebenomuzwa. Mhlawumbe i-El Clásico [igama elinikezwe noma yimuphi umdlalo phakathi kwe-Barcelona ne-Real Madrid] ayizange isize. Angazi, “Kusho uGarcia, ngokusho kweGoal.com.

“I-Real Madrid yangifakela ingcindezi yokuthi ngazi ukuthi uVini uwinile yini, futhi mhlawumbe ukuthula kwami ​​​​kubenze bacabanga ukuthi uViní angeke anqobe, ngakho abafikanga. Ngimangele kabi, kodwa angifuni ukuchitha ubusuku ngikhuluma ngakho. Ngifuna ukukhuluma ngomnqobi wethu, uRodri.

“Wonke amaqembu ayintandokazi aphikelele ekutheni abe nolwazi lokuthi ubani owinile, kodwa sikubeke kwacaca kulo nyaka ukuthi owinile ngeke aziswe ngaphambi komcimbi wokuklomelisa.”

Esithombeni esingenhla: UVinicius Junior.

Umthombo: @vinij

Izihloko zakamuva