Celani Sikhakhane
Imeya ephethe umasipala wase-Alfred Duma, uVincent Madlala, usola amaphoyisa ngokuhluleka ukuthola ithuba lokuba imeya ihlandla lesibili ngemuva kokuboshwa ngoNcwaba.
UMadlala nendodakazi yakhe uSinazo baboshwe ngemuva kwezinsolo zokuthi bazama ukuvimba amaphoyisa ukuthi angangeni emagcekeni omuzi wakhe ngesikhathi ephenya icala lokubulala. Kwadingeka ukuthi amaphoyisa asebenzise amandla ngokudiliza udonga emzini wakhe oselokishini laseZakheni eMnambithi.
Imeya ibekwe icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Igama likaMadlala lihoxisiwe ohlwini lwabazomela iqembu lakhe ngenxa yomthetho weqembu le-ANC, lapho labo ababhekene namacala obugebengu kumele bashiye ngokuzithandela izikhundla zabo.
UMadlala ubenethemba lokuthi uzophatha ihlandla lesibili ngemuva kokhetho oluzokwenzeka mhla zi-1 kuLwezi.
Yena nendodakazi yakhe bavele enkantolo yemantshi yaseZakheni ngoLwesihlanu.
“Ngenxa yokuboshwa, angikho ngisho ohlwini lwabazomela iqembu lami mhla zi-1 kuLwezi” kusho uMadlala ekhulunyelwa ummeli wakhe.
Abekho abakade bekhombisa ukweseka uMadlala kunoma yimaphi amalungu omphakathi noma abalandeli be-ANC enkantolo ngoLwesihlanu.
UMadlala nendodakazi yakhe bavele enkantolo kanye nabasolwa abathathu ecaleni lokubulala kathathu.
Kusolwa nokuthi abasolwa basebenzela inkampani ebizwa ngeMadlala Security Company okusolwa ukuthi ngeyendodakazi yemeya, futhi kusolwa ukuthi bayamataniswa necala lokubulala ilungu le-SANDF, umngani walo kanye nentombi yalo.
Amadodana emeya kanye nonogada bayo abathathu basolwa ngokubulala uMncedisi Dladla, uDima Dladla kanye noNompumelelo Thwala ngonyaka odlule ngesikhathi izisulu ziya emzini wemeya ukuyolanda imoto kaMncedisi Dladla.
Imoto yaphinde yathathwa amaphoyisa kuleli kheli.
UMadlala nendodakazi yakhe bangaphandle ngebheyili yemali eyi-R10 000 umuntu emunye. Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo mhla zingama-28 kuMasingana ngonyaka wezi-2022.
Usebe yimeya yase-Alfred Duma kusukela ngonyaka wezi-2016, kulandela ukushiya kukaDudu Mazibuko oseyisikhulu esiphezulu sasoThukela Development Agency.