Njengoba kunezibalo ezintsha zabantu abathelelekile abayizi-9,147 ezibikiwe ezweni lonke ngoLwesine, iNingizimu Afrika isihlaselwe igagasi lesithathu lokhuvuthe ngokusemthethweni, ngokusho kwe-National Institute for Communicable Diseases.
Isazi sezibalo zoKhuvuthe uRidhwaan Suliman uthe inani labantu base-Gauteng ngoLwesine linyuke laya kwabayizi-5,595 – u-61% wamanani esizwe – okuyizibalo ezithusa kakhulu emlandweni.
“Izinsuku ezimbili zokugcina e-Gauteng zibukeka zisabisa,” kubhala uSuliman ku-Twitter. “Kube noshintsho olukhulu.”
Njengoba i-Gauteng iyisizinda segciwane, izibalo zabantu abahaqwa igciwane linyuka kakhulu kwezinye izifundazwe. Zikhuphuke ngo-87% KwaZulu-Natali; zakhuphuka ngo-51% eNtshonalanga yeKapa; zakhuphuka ngo-49% eMpumalanga yeKapa; zakhuphuka ngo-43% e-Limpopo.
Isithombe nakwamanye amazwekazi sibukeka kabi. UDkt Matshidiso Moeti, umqondisi wesifunda se-World Health Organisation e-Afrika, uthe lolu bhubhane lukhuphukela phezulu emazweni ayi-14. I-Uganda iqophe ukunyuka kwamaphesenti ayi-131% abantu abahaqwa igciwane njalo ngeviki kuze kwaba ngesonto eledlule. Uthe kodwa ukuthunyelwa kwemithi yokugoma emazweni ase-Afrika kusamile kancane.
Khonamanjalo, uMengameli waseMelika uJoe Biden umemezele ngoLwesine ukuthi iMelika izonikela ngemithi yokugoma emisha eyizigidigidi ye-Pfizer emazweni angama-92 asathuthuka.
Lezi zindaba zamukelwe nguJohn Nkengasong, inhloko ye-Africa Centers for Disease Control and Prevention, okubize ngokuthi kumele sikujabulele futhi wanxusa bonke abalingani bamazwe omhlaba ukuthi basukume.
“Ngicela nibe sohlangothini oluhle lomlando ngoba umlando uzokukhumbula lokhu.”