Igagasi lesithathu selifikile – futhi uMzansi kufanele ulungele imikhawulo eqinile.
Lokhu kushiwo nguMengameli uCyril Ramaphosa, ekhuluma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazweni i-Northern Cape, wakuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ingena egagasini lesithathu.
Uthe izwe kumele lenze konke okusemandleni alo ukunciphisa umthelela walo, kubika i-AFP.
“I-Northern Cape ibe nesibalo sokutheleleka esiphezulu kakhulu okuthe cishe abantu abangama-34 kuya kwabayi-100 batholakala benegciwane ngosuku kanti isifundazwe esilandelayo yi-Free State,” kusho yena.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto i-Scrolla-Africa ibike ngengozi yamazinga aphansi e-oksijini ezibhedlela njengoba kusondela igagasi elilandelayo. (https://scrolla.africa/mzansi-runs-short-of-oxygen/)
Yize ekugcineni uhlelo lokugoma seluqalile, iNingizimu Afrika isesemuva emazweni amaningi. Ngokusho kwe-Financial Times ‘global vaccine tracker, iNingizimu Afrika njengamanje isezingeni eliphansi kakhulu ohlwini, phakathi kwe-Gambia ne-Liberia, ngamanani ayi-1.2 kubantu abayi-100.
UNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni ukuqinisekisile ngoLwesine ukuthi iKhabhinethi lidingida ezinye izindlela zomvalelo.
“IKhabhinethi ixoxa futhi ibonisana ngezinyathelo zokuqinisekisa ukuthi sivikela abantu baseNingizimu Afrika. Isinqumo sizothathwa maduze futhi sizomemezela usuku lapho umengameli ezobamba umhlangano womndeni. Singakuqinisekisa kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi kuzoba nomhlangano kungekudala,” kusho uNtshavheni.
Umthombo wesithombe: @PresidencyZA